Igagasi lesihlanu le-Covid lihlasela i-Tokyo ngaphambi kwama-Olimpiki

Dylan Bettencourt

Ithuba lokuthi kube khona igagasi lesihlanu le-Covid liphinde laveza ukukhathazeka maqondana nama-Olimpiki ase-Tokyo.

I-Japan iqophe ukuthelelena okusha okungama-317 ngoMsombuluko, okuwukukhuphuka okungama-81 kusukela esontweni eledlule.

Ukukhuphuka kokuthelelana isonto nesonto bekungaguquguquki amasonto ayisishiyagalolunye okwenza ama-Olimpiki ayevele ehlehlisiwe abe sengcupheni.

UNgqongqoshe Wezokuphendula mayelana nesifo Esiwumashayebhuqe, uYasutoshi Nishimura, uthe: “Isibalo sabangenwe yisifo enhlokodolobha nakwezinye izindawo ezisendaweni yedolobha lase-Tokyo ngokusobala sikhuphukela phezulu.”

Njengoba imidlalo ibihlelelwe ukuqala ngomhla zingama-23 kuNtulikazi? abagqugquzeli bathe bazimisele ukubeka izinyathelo eziqinile ukuze ama-Olimpiki aqhubeke.

UKatsunobu Kato, unobhala omkhulu wekhabhinethi, uthe bazoqinisa imithethonqubo kanye nezidingo zokuzihlukanisa kwabasubathi namanye amalungu athintekayo avela ezindaweni lapho kutholakala khona ukuhlukahluka kwe-Delta.

UYasuhiro Yamashita, uMengameli weKomidi lama-Olimpiki lase-Japan uvumile ukuthi kuzoba nokwanda okunye kokutheleleka nge-Covid-19 ngenxa yemidlalo eyenzekayo.

“Noma ngabe uthatha ziphi izinyathelo, abantu abangenwe yilesi sifo bazongena. Angeke kukwazi ukugwemeka,” esho.

Uthe ukulawulwa okuqinile kwemingcele ezikhumulweni zezindiza kubaluleke kakhulu.

I-Tokyo inciphise izimo zayo eziphuthumayo yize kunemibiko eveza ukuthi inhlokodolobha ibingakulungele ukunciphisa imikhawulo. Inhlokodolobha manje isingaphansi kwezinyathelo eziphuthumayo ezithi amathaveni nezindawo zokudlela azikwazi ukukhipha utshwala ngemuva kwehora lesikhombisa ebusuku futhi kumele kube sekuvaliwe ngehora lesishiyagalombili ebusuku.

Umcimbi wokuvula ubekelwe umhla zingama-23 kuNtulikazi kanti le midlalo izophela ngomhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Scrolla World Cup Quiz