Ifu elimnyama ngokushona kukaVytjie

Lungani Zungu

Aseqalile ukungena amazwi enduduzo emndenini wowayeyiLungu lePhalamende uVytjie Mentor (58) oshone ngoLwesithathu ngemuva kokugula isikhathi eside.

Ukushona kwakhe kumenyezelwe iqembu lakhe lezepolitiki i-ActionSA.

“Ubengumuntu othanda izwe lakhe futhi uye waqhubeka nokusebenzela izwe lakhe noma egxekwa,” kusho umholi weqembu uHerman Mashaba.

UMentor wajoyina i-ActionSA ngemuva kokushiya i-ACDP ayijoyina ngemuva kokulaxaza i-ANC ngo-2019.

UMashaba uthe uVytjie usenesikhathi eside egula.

“Namuhla ekuseni umndeni wakhe usishayele ucingo usazisa ukuthi ushonile ngemuva kokulaliswa esibhedlela izinyanga ezimbalwa,” esho.

“Kufanele kukhunjulwe ukuthi uVytjie Mentor waba ngowokuqala owaqala lokhu esikubiza ngokuthi ‘ukuLawulwa koMbuso’ namuhla.”

UMentor wenza okungajwayelekile ngesikhathi edalula futhi evusa izinsolo zokulawulwa kombuso mayelana nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma kanye nabasondelene naye okungumndeni wakwaGupta.

Kamuva wethula ubufakazi kwikhomishini yophenyo ebiholwa uMphathi wamaJaji uRaymond Zondo nakuba ezinye izingxenye zobufakazi bakhe zatholakala zingahambisani nophenyo.

Wazakhela izitha ngaphakathi kwi-ANC ngemuva kokuthi akhulume ngezinsolo ezimayelana noZuma kanye nabakwaGupta.

UMentor ubengusihlalo we-ActionSA esifundazweni sase-Western Cape.

Uke waba iLungu lePhalamende likazwelonke kusukela ngo-2002 kwaze kwaba ngo-2014 waphinde waba usihlalo wekhokhasi ye-ANC kusukela ngo-2004 kuya ku-2008. Uke waba usihlalo we-Portfolio Committee on Public Enterprises kusukela ngo-2009 kuya ku-2010.

I-Defend Our Democracy ituse uMentor ngesibindi sakhe sokuveza inkohlakalo.

Imininingwane yomngcwabo wakhe izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.

Umthombo wesithombe: @eNCA

Izihloko zakamuva