
Dylan Bettencourt
Igqeke engeqiwantwala ikhomishini kaZondo ngokudlula emhlabeni komphenyi ohola ikhomishini uFrank Dutton.
Imibiko iveze ukuthi uDutton oneminyaka engu-72, uhlaselwe yisifo sohlangothi, kwalandelwa isifo senhliziyo esiholele ekutheni ashone kungazelelwe.
I-National Prosecuting Authority (i-NPA) ithe ku-News24 “Lokhu kuwukulahlekelwa okukhulu. UFrank ubengumphenyi omangalisayo. Amakhono akhe awafaniswa nawamuntu”.
UDutton, owayeyiphoyisa, wathola udumo ngemuva kokuveza udlame lwezepolitiki KwaZulu-Natali ngeminyaka yezinxushunxushu yango-1980. Ngemuva kweminyaka eyishumi, waqokwa njengenhloko yeKhomishini ye-Goldstone KwaZulu-Natali.
I-Goldstone yaqala ukuphenya izigameko ezimbalwa mayelana nodlame emphakathini kanye nokusatshiswa kwabantu ngaphambi kokhetho lwaseNingizimu Afrika lwango-1994.
UDutton waqashwa ukuthi akhe futhi ahole i-Investigation Task Unit (i-ITU) ukuze iphenye izimpi zamaphoyisa KwaZulu-Natali ngonyaka wokhetho lokuqala lwentando yeningi ezweni.
Wabe esesebenzela i-United Nations International Criminal Tribunal ezweni elalibizwa nge-Yugoslavia ngo-1996. UDutton waphenya ngokubulawa kwabantu, amacala ezimpi kanye nobugebengu obubhekiswe kubantu e-Bosnia, e-Croatia kanye nase-Kosovo.
Ukubuyela kwakhe eNingizimu Afrika ngo-2000 kwamenza wahola i-Directorate of Special Operations, eyaziwa ngele-Scopions.
Ngemuva kweminyaka emithathu uDutton wesula embuthweni wamaphoyisa ngenxa yezinkinga zempilo ngemuva kokusebenza khona iminyaka engu-37.
Iphoyisa elazalelwa e-Limpopo lathola i-Order of the Baobab in Gold ngo-2012 ngeqhaza lalo eliyingqayizivele kanye nempumelelo yalo emsebenzini walo njengephoyisa elizinikele.
IHhovisi likaMengameli libhale engosini yalo lathi “Igalelo elilele emsebenzini wakhe bekuwuphenyo nokushushiswa kwabantu abanamacala odlame lwezepolitiki, amacala ezimpi, ubugebengu obubhekiswe kubantu kanye nokubulala abantu”.