Ifu elimnyama kwelebhola lishonelwa umdlali 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Akasekho emhlabeni umdlali wasemuva weStellenbosch obengukaputeni wakuleli ku-U21 u-Oshwin Andries, ushone ngemuva kwesonto ephumile esibhedlela ngenxa yokugwazwa.

Amaphoyisa aseKapa abika ukuthi u-Andries uphumile esibhedlela, kodwa isimo sakhe sibe sibi kakhulu kwaphoqeleka ukuba aphindele khona futhi.

U-Andries ushone ngenxa yezinhlungu zamanxeba okugwazwa esibhedlela saseKapa ngoMgqibelo.

Akekho ubesaboshiwe mayelana nokugwazwa kwalo mdlali wasemuva obezohlanganisa iminyaka engu-20 kule nyanga ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

“Ushonele esibhedlela ngoMgqibelo ngemuva kokuba umndeni wakhe umphuthumise khona ngenxa yesimo sakhe ebese sisibi kakhulu,” kusho okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uKaputeni uNowonga Sukwana etshela i-Scrolla.Africa.

“Ungene esibhedlela ngemuva kokugwazwa wadedelwa ngesikhathi sekubonakala isimo sakhe singcono, kodwa kuthe umndeni ungazelele isimo sakhe sashintsha kakhulu waphoqeleka ukuthi umphindisele esibhedlela ebusuku okuyilapho afike ashonela khona.

“Udaba lokugwazwa kwakhe lusaphenywa amaphoyisa, kodwa akekho obesaboshiwe.”

U-Andries ubengekho eqenjini lakhe  leStellenbosch eliye eGqeberha emdlalweni we-Premier Soccer League neChippa United eliwunqobe ngamagoli amabili kwelilodwa ngoMgqibelo.

Ugcine ukudlalela iqembu lakhe ngomhlaka-27 kuMasingana kowo mkhaya okuyilapho abanqoba khona ngamagoli amathathu kwamabili bebhekene neCape Town City ekhaya.

Njengoba ebenguKaputeni weqembu lesizwe lakuleli lika-Under 20, u-Andries wadlala okokuqala ku-PSL ngoZibandlela ngonyaka ka-2021 bebhekene neBaroka FC, kanti wadlala kabili ngesizini yakhe yokuqala.

Lesi sigaba simenze wathuthuka njengoba edlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuyona yonke imiqhudelwano, kuhlanganisa neyisithupha ayiqalile.

Ngemuva kokushaya igoli bebhekene neRoyal AM ngoMfumfu nyakenye, u-Andries waba ngumshayi magoli omncane kunabo bonke eqenjini laseCape Winelands, nalo elimemezele ukudlula kwakhe emhlabeni.

“Kusizwisa ubuhlungu obukhulu ukuthi iStellenbosch FC isithole ngokudlula emhlabeni komdlali wasemuva osemncane obenekusasa eliqhakazile nelithembisayo, u-Oshwin Andries,” kusho isitatimende seqembu.

“Iqembu alikwazi ukunikeza eminye imininingwane okwamanje futhi licela ukuthi kuhlonishwe umndeni wakhe kulesi sikhathi esinzima abadlula kuso.

“U-Andries ubengumdlali webhola osemncane onesiphiwo owaphothula izifundo zakhe e-SFC Academy ukuze aqale ukudlala ibhola eneminyaka engu-18.

“Ukuba khona kwakhe enkundleni nangaphandle kwayo kuzokhumbuleka kakhulu.”

Amazwi enduduzo ngokudlula kuka-Andries abeqhubeka engena ngeSonto, njengoba noPitso Mosimane edalule ukuthi ubemqaphe ngeso lokhozi lo mdlali wasemuva.

UMosimane uthe waze wajuba izinhloli zakhe ukuthi zilandele u-Andries.

Isithombe esingenhla: Oshwin Andries

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva