Ifu elimnyama kuMasipala waseKZN kushona iMeya 

Lubhalwe nguZukile Majova

Uvuke nezindaba ezibuhlungu umphakathi wakuMasipala wesifunda Ugu eningizimu yaKwaZulu-Natal ngokushona kweMeya uPhumlile Mthiyane ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeka ngemuva kwezinsuku ezintathu kushone umphathi kaMasipala uDkt Elliot Ntombela obesaqede izinyanga ezintathu kwinkontileka yakhe yeminyaka emihlanu.

Bobabili bashone ngesikhathi uMasipala udonsa kanzima ukubuyisela umonakalo kwingqalasizinda kulandela izikhukhula zangonyaka odlule ezacekela phansi amapayipi amanzi adonsa kumfula uMtamvuna.

Kushone abantu abayisithupha kulesi sifunda ngenxa yezikhukhula kanti umonakalo emadolobheni okubalwa i-Port Shepstone, i-Margate, Umzinto, i-Scottburgh nase-Harding ulinganiselwa emalini engaphezu kuka-R2 billion.

UMasipala wesifunda ubhekelela ingqalasizinda, ukuthuthwa kwendle kanye nokuhanjiswa kwamanzi kuMasipala waseMdoni, uMzumbe, uMziwabantu neRay Nkonyeni, okuhlanganisa abantu ababalelwa ku-720,000.

Ukubambezeleka kokulungiswa kwengqalasizinda ngenxa yezinqubo zomthetho zokukhetha iMeya entsha kanye nomphathi kaMasipala omusha kubonakala kusazoqhubeka.

UNtombela noMthiyane bebefisa ukusebenzisa isabelomali sengqalasizinda sika-R347 million ngemuva kokuthi umkhandlu ugunyaze u-R1,7 billion kulo nyaka wezimali.

UDkt Ntombela ushone ngoMgqibelo ngemuva kokuhlala amasonto amathathu esibhedlela.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili nje, okhulumela uMasipala uFrance Zama ukuqinisekisile kwabezindaba ukuthi Imeya ishone ngoMsombuluko ekuseni.

“Kubuhlungu futhi kuyadabukisa ukudlula emhlabeni kweMeya.”

“Ifu elimnyama kubukeka sengathi lihlasele uMasipala wethu ngalesi sikhathi futhi sicela imikhuleko futhi siyazwelana nomndeni wakhe ngalesi sikhathi sokulahlekelwa.”

Esithombeni esingenhla: IMeya uPhumlile Mthiyane okuqinisekiswe ukuthi ushonile, ngemuva kwezinsuku ezintathu kushone umphathi kaMasipala uDkt Elliot Ntombela

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva