Ifu elimnyama endlunkulu yaBahwaduba kukhothama inkosi nondlunkulu

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Mathibestad e-North West zilahlekelwe yiNkosi yazo, uKgosi Lepono Jacob Mathibe kanye noNdlunkulu wazo, uMmakgosi Ankie Johanna Mathibe.

Laba bashadikazi bangeniswa esibhedlela i-Jubilee ngomhlaka-28 kuNhlaba. UNdlunkulu wakhothama ngosuku olulandelayo.

Inkosi yaBahwaduba yanxusa iNdlunkulu ukuthi ingamtshali umkakhe yona ingekho futhi imlinde aze akhishwe esibhedlela.

UMathibe wabe esedluliselwa esibhedlela iDkt George Mukhari ngomhlaka-16 kuNhlangulana, lapho akhothamele khona emasontweni amane  kukhothame uNdlunkulu.

Okhulumela iNdlunkulu, uLacey Mathibe, uthe babethandaza futhi banethemba lokuthi impilo yenkosi izosimama ibe ngcono ukuze kuhlonishwe izifiso zayo, kodwa ngeshwa isimo sempilo yayo saba sibi.

IMeya yase-Moretele uMasango Manyike uthe ukudlula emhlabeni kwabaholi abanamandla kule ndawo kuzoshiya isibazi esikhulu.

“Lesi yisikhathi esibi lapho kudlula khona emhlabeni abaholi abahlonishwayo, abazali kanye nabakhi bomphakathi. Lokhu kuwukulahlekelwa okukhulu, hhayi kuBahwaduba kuphela kodwa nasemphakathini wase-Moretele,” usho kanje.

Umculi wezokholo oseke wahlabana ngezindondo, uSolly Moholo, ophinde abe yilungu lomndeni, uthe ukudlula kukaKgosi Mathibe kube into ebuhlungu kakhulu kulo mndeni njengoba besazilile futhi bezama ukwamukela ukudlula kukankosikazi wakhe.

“Sisazama ukwenza umqondo ngalokhu okwenzekile, futhi mhlawumbe sizokwamukela ngokuhamba kwesikhathi. Ngathi iphupho elibi sonke esizovuka kulo iNkosi noNdlunkulu besaphila.”

Isakhamuzi sase-Mathibestad, uNthati Motaung, uthe laba bobabili bazokhunjulwa ngokuhlale bebeka phambili izidingo zabantu basemakhaya nokugqugquzela intuthuko.

Laba bashadikazi bazotshalwa emathuneni ase-Mathibestad Royal Cemetery ngoMgqibelo mhlaka-29 kuNhlangulana.

Osesithombeni ngenhla: UKgosi Lepono Jacob Mathibe.

Umthombo: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva