Ifilimu yezinkinga zamanzi eLimpopo izokhonjiswa eMoscow

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

UMolatelo Maenetje-Bossman wase-Limpopo ongumdidiyeli wamafilimu osewine izindondo eziningi ukhombisa idokhumentari yakhe ethi-Hung out Dry ekhuluma ngenkinga yamanzi endaweni yangakubo kwi-BRICS Film Festival e-Moscow, e-Russia.

Ungomunye wabadidiyeli bamafilimu abathathu bakuleli futhi umsebenzi wabo ukhonjiswa kanye namafilimu avela kwamanye amazwe angamalungu e-BRICS, i-Brazil, i-Russia, i-India kanye ne-China. Le festivali eqale ngomhlaka-19 kuMbasa izophela ngomhlaka-23.

Le dokhumentari eyathatha iminyaka eyisishiyagalombili ukwenziwa ithwebula umshikashika wansuku zonke wokuthola amanzi ompompi kwizakhamizi zase-Block 5 ngaphandle kwase-Tzaneen.

“Isihloko esithi-Hung out Dry sisho ukuthi abantu basemakhaya bashiywe kanjani nguhulumeni abamuvotela njalo eminyakeni emihlanu,” kusho uMaenetje-Bossman.

“Selokhu kwaqala umbuso wentando yeningi, ziningi izinkontileka zamanzi ezingena ziphuma kulesi sigodi kodwa nanamuhla ompompi bomile.

“Amaloli athwala amanzi afika kuphela uma kuza ukhetho kodwa uma nje sekuphela ukhetho izakhamizi zisala dengwane.”

UMaenetje-Bossman utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uma amaloli engafiki, abantu bangakubo baphoqeleka ukuthi bathenge amanzi komakhelwane babo abaneziphethu zamanzi.

Eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, lapho uMaenetje-Bossman ayengakazi khona ukuthi ngelinye ilanga uyomela izwe lakhe emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe, waqala ukubhala ngosizi lwabantu bangakubo ababebuza ukuthi kungani indawo yabo ingenawo amanzi ekubeni osonkontileka bengena bephuma kule ndawo befaka amapayipi nompompi.

Le dokhumentari ikhonjiswe e-Nigeria ngenyanga edlule. NgoNhlangulana izokhonjiswa e-Dallas, eMelika kwi-African Film Festival kanti izoqala ukukhonjiswa ngokusemthethweni kuleli ngoNcwaba.

Ngo-2019, idokhumentari yakhe ethi-When Babies Don’t Come eyayibonisa umzabalazo wakhe wangempela wokukhulelwa yakhonjiswa e-Brazil.

UMaenetje-Bossman akakabi nazo ezakhe izingane kodwa yena nomyeni wakhe bakhulisa amantombazane amabili wodadewabo.

Esithombeni esingenhla: Umdidiyeli wamafilimu uMolatelo Maenetje-Bossman

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva