Ifilimu kugasela izigebengu enxanxatheleni yezitolo e-East Rand 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ubungafunga ukuthi ubukela ifilimu, abasolwa ababalelwa kwabayisishiyagalombili bavela kumakhamera e-CCTV enxanxatheleni yezitolo e-East Rand bekhipha ubucwebe obuntshontshiwe.

Izisebenzi bezikhonjwe ngezibhamu ngesikhathi iqembu lezigelekeqe ligqekeza isitolo esidayisa ubucwebe. Lesi sigameko sishiye abathengi nabasebenzi besitolo sobucwebe enxanxatheleni yezitolo e-Ekurhuleni behlukumezekile.

Ngesikhathi leli qembu lezigebengu liphuma enxanxatheleni yezitolo ngezithuba zabo-11:50 ekuseni ngeSonto, litholane phezulu ngezinhlamvu nonogada abebefuna ukubiza amaphoyisa.

Amaphoyisa kanye nonogada bajahe imoto yezigebengu ebibheke ngase e-Alex, enyakatho neGoli.

Ukusabela ngokushesha kwamaphoyisa kube nemiphumela emihle ngesikhathi ethola omunye wabasolwa emijondolo yase-Alex e-Stjwetla, ngase-Marlboro. Lesi akubanga sona sodwa isigameko esenzekile.

Umsolwa wokuqala uhambise amaphoyisa kwezinye izindawo ezimbili lapho kuboshwe khona omunye umsolwa. Amaphoyisa aye ezindaweni ezintathu ezihlukene kuleli lokishi eligcwele ubugebengu futhi elinabantu abaningi.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo, obekhona kuzo zontathu izindawo abahambele kuzo kuleli lokishi, uthe izigebengu zintshontshe ubucwebe obuningi esitolo esingadalulwanga.

“Umsolwa wokuqala uyise amaphoyisa ezindlini ezimbili e-Alex lapho okuboshwe khona umsolwa wesibili kwatholwa nezimoto ezintathu ebezibaleke enxanxatheleni yezitolo. Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili, isibhamu esikhulu, izinhlamvu neziqhumane.”

ULt Colonel Masondo ukuqinisekisile ukuthi abasolwa ababili batholwe nezibhamu  eziyingozi nezimoto ezibizayo.

Uthe iziphathimandla zithole i-Audi okubikwe ukuthi idunwe e-Limpopo, i-Golf 7, isibhamu isikhulu i-AK-47, nesibhamu sohlobo lwe-R5 kanti amaphoyisa aphinde athola imali ezindlini obekucashe kuzo abasolwa.

“Sisola ukuthi leli qembu lezigebengu liyabandakanyeka ekuqhunyisweni kwama-ATM kanjalo nokubamba  izimoto ezithwala imali,” kusho uMasondo.

UMasondo uthe amaphoyisa asathungatha abasolwa abagcwele amathafa nobucwebe obuthathwe ngesikhathi kugqekezwa isitolo sobucwebe esingadalulwanga.

Abasolwa ababoshiwe bazobekwa amacala okugebenga ibhizinisi, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nelokutholakala nemoto okusolakala ukuthi iduniwe.

Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.

Izihloko zakamuva