Dylan Bettencourt
Ifilimu yase-Somalia i-‘The Gravedigger’s Wife’ ekhuluma ngobude bendlela abantu abayihambayo ngenxa yothando, iwine umklomelo ophezulu emcimbini wamafilimu obizwa nge-Pan-Africa e-Burkina Faso.
UFinnish-Somali Khadar Ahmed waqondisa ifilimu eyahlula abanye abayi-16 ababebheke umklomelo omkhulu emcimbini obizwa nge-Fespaco Golden Stallion of Yennenga film festival.
“Angazi ngingathini. Amagama awakwazi ukuzwakalisa ukubonga kwami ngalolu hlobo lothando oluvela ezweni lethu,” kusho u-Ahmed ebhale ku-Instagram wakhe.
Le filimu ingeyokuqala evela e-Somalia ukungena emkhakheni obizwa nge-Best International Feature Film kuma-Oscars.
Le filimu ikhuluma ngendoda egumba amathuna, ezama ukuqongelela imali yokukhokhela ukwelashwa komkayo ngemuva kokutholakala ukuthi unesifo sezinso, kodwa uthembele ekufeni kwabanye ukuze athole imali.
U-Ahmed, owazalelwa e-Somalia kodwa wathuthela e-Finland esemusha, wabhala le filimu eminyakeni eyishumi eyedlule wabe esefunda ukuba umqondisi ngaphambi kokuzenzela ifilimu.
Lo mqondisi wamafilimi, oneminyaka engama-40 ubefuna “ukuveza le ndaba ngesizotha, ubumnene kanye nozwelo – konke izimfanelo engikhuliswe ngazo,” etshela i-Guardian.
Umcimbi we-Fespaco ujwayele ukuthatha isonto lonke futhi wenzeka njalo eminyakeni emibili e-Ouagadougou.
Umthombo wesithombe: @ChicagoInternationaFilmFestival