Mbuso Nwayila
Ezinyangeni ezintathu ikhishiwe, ifilimu emfishane yesi-Xitsonga i-Rirhandzu, isihlomule izindondo ezingaphezu kweziyishumi emazweni angaphandle nasezweni lonke.
Ifilimu yemizuzu eyi-16 yezilimi zomdabu, eqoshwe ngemuva kwendlu e-Tzaneen, yakhishwa ngoNcwaba ngonyaka wezi-2021 futhi imboni yamafilimu yomhlaba wonke ibonakala iwuhlaba umxhwele ngale filimu yasendaweni.
Le filimu ikhuluma ngokuhlangana okusheshayo okugqugquzelwe uthando olungasho lutho phakathi kwabantu abasha ababili abavela ezizindeni ezihlukene zomphakathi abazama ukutholana othandweni lwabo naphezu kokungaqiniseki, ubandlululo, kanye nezinselelo zobuchwepheshe.
Ingqikithi yefilimu i-Rirhandzu yindlela ekhuthaza futhi ekhulisa ngayo ubuhle bemvunulo nolimi lwesi-Xitsong. Iveza umehluko phakathi kwabampofu nabacebile, okuyilapho ibonisa indlela ithemba nothando okunganqoba ngayo kuzo zonke izimo ezinzima.
NgoMsombuluko mhla zingama-29 kuLwezi, lefilimu iphume phambili ku-Best Women’s Film njengefilimu ehamba phambili futhi yakhethwa kwabaqokwe esigabeni Sefilimu ehamba phambili ku-Bright International Film Festival e-UK.
Ngaphambi kwalokho, mhla zingama-27 kuLwezi emcimbini wesishiyagalolunye we-African Emerging Filmmakers Awards KwaZulu-Natali, abadidiyeli bamafilimu bahlabana ngendondo ye-Best Supporting Actor, indawo edlalwa uVukosi Mashele.
Bahlomule izindondo ezimbili zegolide ze-Best Narrative Short Film kanye ne-Student Film ngokulandelana kwazo, kuma-International Independent Film Awards.
Le filimu yakhonjiswa emcimbini wamafilimu i-Himachal and Pune Film Festival e-India kanye naku-Indie Short Fest, i-Los Angeles international film festival.
Abalaleli baseMelika bebebonakala beyithanda njengoba iphinde yabukiswa ngenyanga edlule kwi-African Film Festival e-Atlanta.
USamuel Ntsanwisi ongumdidiyeli wale filimu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ujabule ngendlela enkulu nangendlela abamamukele ngayo.
“Ukuqokwa kwefilimu i-Rirhandzu emcimbini yamafilimu enziwa ngobuciko kuyasithoba kakhulu futhi kumele kunconywe wonke umuntu okuhlanganisa nomdidiyeli wethu i-Samsrec Productions,” kusho uNtsanwisi.
“Ukuthi ifilimu yesi-Xitsonga ithathwe ngaphandle kokubuzwa imibuzo, kuyinto enkulu kithina futhi lokhu kusho ukuthi luyakhula ulimi lwakuleli,” kuphetha lo mqondisi.