Ifilimu ekhuluma ngoMrepha waseKapa

Alvhin Adendorff

Abalingiswa abafana nabakwi-Teenage Mutant Ninja Turtles noma uX-Men bakhombisa izidalwa ezintsha ezingamukelwe emphakathini.

U-Isaac Mutant ongumrepha osemusha emkhakheni we-hip hop waseNingizimu Afrika naye ungomunye wabangamukelwa emphakathini, futhi uyizwi elizwakalayo kubantu asebekhohlwe imndeni yabo bashiywa ngaphandle emphakathini.

U-Isaac ungundabamlonyeni kwifilimu ye-documentary entsha: ebizwa nge-MUTANT ebhalwe nguLebogang Rasethaba noNthato Mokgata.

Lo mrepha waziwa kakhulu ngokuba undabamlonyeni kwabezindaba ngamagama engoma yakhe yangowezi-2014 ethi “Larnie Jou Poes”. Le ngoma icacisa ngemizabalazo yabasebenzi basepulazini futhi iveza nokugxeka okwenza i-AfriForum ukuba ithi le ngoma ifuna ukugqugquzela udlame.

Ubesengasekho mningi kakhulu emkhakheni kusukela ngephrojekthi yakhe yokugcina “i-Riffak” ayenza neqembu i-Dookoom ngowezi-2018 futhi njengamanje usebenza kwi-albhamu yakhe yedwa ebizwa “H.I.M. Legend”

Umbhalo kaRasethaba noMokgata wenza umsebenzi oncomekayo wokuchaza ukuthi ungubani u-Isaac Mutant nokuthi kungani umculo wakhe uveza amaqiniso.

Ubunzima bakhe njengomuntu, ezezimali kanye nezepolitiki buvezwa ngokuxoxisana naye, ontanga yakhe bezomculo, abangani kanye nomndeni.

Labo abebekade bebuzwa imibuzo kufanele kukhulunywe ngabo ngokukhethekile njengoba bekhombisa inhlalo kanye nomlando waseKapa.

Izinkinga zobuhlanga, imiphumela yobandlululo, ubugebengu, izidakamizwa kanye nobuphofu konke kubekwe ngendlela elula ukukuqonda.

Okuphathelene nomphakathi kuwuthinta kakhulu umculo ka-Isaac Mutant, futhi ifilimu yenza umsebenzi omkhulu wokuxhumanisa phakathi kwalokhu kokubili.

Umphumela wale filimu uba umfanekiso womculi othukuthele, ongesabi lutho futhi ocabangayo nozama ukuveza ukukhungatheka kwakhe emhlabeni ongenangqondo.

Amakhamera abenzi bamafilimu asebenza kahle ukuveza amathafa amahle aseKapa ukuhlela isihloko sefilimu. Baphinde basebenzise amasu afanayo ukwethula indawo yase-Cape Flats.

Umphumela uyamangaza futhi uveza ubuhle obunamaphutha amakhulu kuyo yomibili imihlaba, lapho u-Isaac angazazi ukuthi ikuphi indawo yakhe.

Ifilimu ithandela kakhulu uma amalungu omndeni ka-Isaac esesondele ekhuluma, ikakhulukazi udadewabo nomshana wakhe.

Uthando lwabo lucacile nokunakekela kwabo indoda ehlakaniphile engu-Isaac, umculi osindwa okuningi kodwa ukhetha ukuphumela obala kumbhobho ngenkathi eshaya imimese kumavidiyo akhe omculo.

U-Isaac ungaphezu kwe-Mutant.

Izihloko zakamuva