Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-Durban University of Technology neMangosuthu University sezingene shi ezinhlelweni zoMkhosi woMhlanga njengoba sezihlelela izintombi ezifunda khona amabhasi okuhamba ngaphandle kwezinkinga.
Lokhu kugqame namhlanje njengoba lezi zikhungo zidedele izintombi ukuba zihambele uMkhosi woMhlanga oseNyokeni.
Umama ohlola izintombi eThekwini uNkk Noziphiwo Gcumisa uthe bona bafike namhlanje ekuseni ngoba bekwenzelwa ukuthi izintombi zingaphazamiseki ezifundweni zazo.
“Usuku lokufika beluyizolo ngoLwesihlanu kodwa izintombi zase-DUT nase-MUT zenzelwe izinhlelo eziyisipesheli ukuba zifike namhlanje zinikeze iSilo umhlanga bese zibuyela emuva. Ngikhuluma nje amabhasi lawa akhokhelwe i-DUT ne-MUT ukuze kube nesiqiniseko sokuphepha,” kusho uNkk Gcumisa.
Uthe indlela lezi zikhungo zeMfundo ePhakeme esezizibophezele ngayo emikhosini kaZulu, azisahluphi uma kukhona abafundi abafuna ukungenela amaqembu ezintombi zoMhlanga.
Zibalelwa ku-300 izintombi zase-DUT nazase-MUT ezitheleke eMhlangeni.
UNkk Gcumisa uthe ngisho omama balezi zintombi abanali uvalo ngezingane zabo njengoba zikude namakhaya ngoba ziphila ngaphansi kolawulo lonoMehlo okungomama abahlola izintombi.
