IDurbanville Rose Garden imema zonke izithandani ukuzothokozela indawo yabo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

I-Durbanville Rose Garden eseKapa imema izithandani ukuthi zenze izinkumbulo ezinhle ngosuku lwezithandani – nanoma yiluphi olunye usuku ngaphandle kwamaSonto.

“Okuhle ngale ndawo ukuthi ivulelekile esidlangalaleni,” kusho umphathi wendawo, uZitobile Sikova.

“Akudingeki ukuthi izakhamuzi zibhukhe, zingafika noma nini ngezikhathi zokusebenza.”

Le ndawo ivulwa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngehora lesishiyagalombili ekuseni kuya ehoreni lesine ntambama, bese ngoMgqibelo ivulwa kusukela ngehora lesishiyagalombili kuya ehoreni lesihlanu ntambama futhi kungenwa mahhala.

“Ngezimpelasonto, kufika abantu abaningi abavela emishadweni bezothwebula izithombe endaweni yethu, futhi singathanda ukuba kufike iningi labantu kule ndawo,” esho.

“Noma ubani angeza azojabula kodwa akekho ovunyelwe ukukha izimbali… Sivumela cishe yonke into kodwa hhayi ukukhiwa kwezimbali. Abuvumelekile utshwala emagcekeni ethu.”

USikova uthe le ndawo ibingakaze ibenazo izivakashi eziningi ngosuku lwezithandani phambilini ngoba abantu bebecabanga ukuthi kungenwa ngemali.

I-clubhouse ekule ndawo – elungele ama-baby shower, ukugubha usuku lokuzalwa neminye imicimbi efana nalena – imumatha abantu abangafika ku-60 futhi uyakwazi ukuyiqasha ngo-R891 usuku lonke.

ULuyolo Kiyane usehlale eKapa iminyaka eyisikhombisa futhi ubecabanga ukuthi ukungena kule ndawo kubiza imali eshisiwe.

“Bengilokhu ngifuna ukuya khona kodwa angizange ngoba bengicabanga ukuthi iyimfihlo. Mina nentombi yami sisebenza sobabili mhlaka-14 kule nyanga ngakho ngizomyisa khona ngempelasonto,” esho.

Esithombeni esingenhla: I-Durbanville Rose Garden. 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva