Everson Luhanga
Ekuqaleni bebebhekise udlame lwabo kwabaphuma emazweni angaphandle, kodwa manje amalungu enhlangano iDudula kubonakala eselwisana nabantu baseNingizimu Afrika ababuthaka, babaxosha ezindlini zabo futhi babasola ngokuthi ngabaphuma emazweni angaphandle.
Amalunga amane enhlangano i-Alexandra Dudula aboshwe ngamaphoyisa ngokuxosha izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokungemthetho, baziqambela amanga ukuthi ziphuma emazweni angaphandle.
Lesi sigameko sokususwa kwabantu endaweni sithwetshulwe ngekhamera, amalungu omndeni abonakala ephezu kwendlu ezama ukubaleka.
Kuthiwa amalungu omndeni ashayiwe, akhonjwa ngezibhamu, akhishwa nezimpahla zawo endlini. Kusukela ngesonto eledlule ngoMgqibelo, umndeni uthi uhlukumezekile ezandleni zamalungu eDudula.
Umndeni utshele ithimba le-Scrolla.Africa ukuthi bangabantu bakuleli nokuthi ayikho enye indawo abangayibiza ngekhaya ngaphandle kweNingizimu Afrika.
UNksz Hilda Mthombeni (32) obesendlini ngesikhathi kufika iqulu emzini wakhe liphethe izinduku, amatshe nezibhamu, uthe namanje usahlukumezekile uma ecabanga ngento eyenziwe yileli qembu kuye nomndeni wakhe. “Bathe asiphume endlini ngoba singabaphuma emazweni angaphandle.
“Bafice ezinye izingane zifunda base beqala ukuzihlukumeza batshela wonke umuntu ukuthi aphume endlini.”
Ngesikhathi omunye wabafowabo, uRonnie Mashele, ezwa ngalolu daba ngeSonto, naye uye wafika endlini kodwa uye washaywa kanzima ngezinduku nangamatshe. Ubuso bakhe bunamanxeba namehlo akhe agcwele igazi.
Amanye amalungu omndeni ahlukumezekile agibele phezu kwendlu ebalekela la madoda abethukuthele eveva. “Bekunesiphithiphithi kakhulu,” kusho uHilda.
UHilda uthe leli qembu belikhona kusukela ngoMgqibelo kuze kwaba uLwesithathu, lizimisele ngokubaxosha endlini asebehlale kuyo iminyaka engu-12.
“Udadewethu ose-Limpopo ungumnikazi womuzi kodwa ngenxa yokuthi wathola umsebenzi futhi uhlala khona, bengihlala nezingane lapha. Angazi ukuthi amalungu eDudula awuthathephi umqondo wokuthi ngiphuma ezweni elingaphandle,” kusho uHilda.
Kuyona le ndawo kuthiwa kuhlaselwe isalukazi ngesikhathi amalungu eDudula emkhipha endlini yakhe. Bamtshele ukuthi akahambe yize engowaseNingizimu Afrika – mhlawumbe ngoba usekhulile.
Iphoyisa ebelihambele indawo yesigameko litshele i-Scrolla.Africa ukuthi ugogo ushiye abazukulu endlini wayohlala nesihlobo esikude.
Ithimba lethu livakashele leli kheli lafica omatilasi ushiywe ngaphandle emvuleni nendlu ikhiyiwe kungekho muntu ngaphakathi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uColonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba. Uthe amaphoyisa aphenya amacala okweba, ukuxoshwa kwabantu ezindlini ngokungemthetho, nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Iminyaka eminingi, amalungu e-Alexandra Dudula Movement abelokhu enza imisebenzi efanayo ehlasela abantu futhi ebakhipha ezindlini zabo ngokungemthetho. Kunamacala obugebengu angaphezu kwangu-200 esiteshini samaphoyisa e-Alexandra abhekene namalungu eDubula.
Amaphoyisa nawo awaqinisekisile amacala adlule athi uphenyo lusaqhubeka.