IDudula ishintshe unyawo

Everson Luhanga

Imibhikisho yeDudula Movement ibe noshintsho olumangalisayo ngoLwesithathu ngesikhathi iqembu labesifazane limasha lingagqoke lutho  ngenhla emigwaqeni yase-Alex licula iziqubulo ezithi akususwe amabhizinisi abantu abaphuma emazweni angaphandle.

Iqembu elimelene nabaphuma emazweni angaphandle, elichazwe “njengelinenzondo” ngabomthetho, liphinde laxabana nosomabhizinisi abaphuma emazweni angaphandle ngoLwesithathu ekuseni.

Bekhungathwe ukuvalwa kwezitolo, abathengisi besifazane abebehambisana neDudula Movement bakhumule izimpahla zabo ezingenhla base beqala ukumasha.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba omunye wesifazane wakule ndawo exaaene nomhwebi wase-Mozambique kubangwa indawo yokudayisa.

UClara Mashingashinga, omunye wabangenele umbhikisho awubize “ngombhikisho wamaponapona,” uxwayise ngokuthi uma amaphoyisa engabavimbi abaphuma emazweni angaphandle ukuthi bahwebe bazokhuphula izinga lokubhikisha.

UMashingashinga uthe abesifazane bazoqala umbhikisho wamaphenti lapho bezokhumula khona zonke izimpahla zabo basale ngamaphenti kuphela.

“Njalo uma siya emaphoyiseni, awasithatheli phezulu,” esho.

“Siye emaphoyiseni abeqaphe umbhikisho enxanxatheleni yezitolo, asitshela ukuthi siyeke ukukhononda kodwa kumele sihlukaniselane indawo siqhubeke nokuhweba”.

UMashingashinga uthi umhwebi wesifazane, uThakane Sadiki, ususwe ngamadoda amane amthathela indawo yokuhweba.

I-Scrolla.Africa sikhulume noSadiki, othe ukube abanye abantu abamsizanga ukususa la madoda kuye ngabe amlimazile.

“Ngizoya esiteshini samaphoyisa ekuseni ngiyovulela la madoda icala,” esho.

ULucky Sithole, ongowase-Mozambique, ungomunye wabasolwa ngokushaya uSadiki.

USithole utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ufuna ukwabelana le ndawo noSadiki, nokuyinto amaphoyisa ayalele abahwebi ukuthi bayenze.

“Kodwa esikhundleni salokho, uSadiki uphendule itafula lami lotamatisi basakazeka phansi. Akuyona indlela okufanele siphile ngayo lena,” esho.

Kusukela ngoMsombuluko, iDudula Movement ikhiphe abadayisi abaphuma emazweni angaphandle emgwaqeni yafaka awabo amalungu.

UDudu Khumalo (59), ungomunye wabahlomule ngalezi zenzo zeDudula.

“Ngiyababonga kakhulu. Bengingenayo indawo yokuthola imali yokondla abazukulu bami,” esho.

Kodwa kuwo wonke umuntu ofana noDudu Khumalo ukhona omunye umuntu ovinjwe ngokungekho emthethweni ukuthi aziphilise.

Scrolla World Cup Quiz