IDudula ifike qathatha eThekwini

Sihle Mkhize

Inhlangano eqale eGoli, i-Operation Dudula yethule igatsha layo KwaZulu-Natali eThekwini ngeSonto.

Izinkumbi zabalandeli bale nhlangano emelene nabaphuma emazweni angaphandle zibuthane phambi kwamaphoyisa e-Durban City Hall, lapho amalungu ahambise khona incwadi yezikhalazo esiteshini samaphoyisa ase-Phoyinti.

Obekusenhliziyweni yezikhalazo zabo yizinsolo zokuthi iningi lamabhilidi enkabeni yedolobha antshontshwe ngabaphuma emazweni angaphandle. Baphinde bakhala ngokuthi umnotho ongekho emthethweni ugcwele kwabaphuma emazweni angaphandle abangenazo izincwadi.

Umxhumanisi weDudula eKZN uMfanafuthi Dumakude uthe inhloso yale nhlangano ukufaka ingcindezi emaphoyiseni ukuthi enze okuthile futhi abophe abaphuma emazweni angaphandle abangenazo izincwadi.

“Sicikekile. Umgwaqo wasePhoyinti udume kabi eThekwini [lapho] abaphuma emazweni angaphandle abadayisa khona izidakamizwa ngokungemthetho kuwo wonke amakhona. Sikhathazekile ngabadayisa imizimba abangekho emthethweni edolobheni. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sifaka ingcindezi kwabakwa-SAPS ukuze benze umsebenzi wabo,” kusho uDumakude.

Ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho, imigwaqo eseduze ibithule ngendlela engajwayelekile njengoba cishe zonke izitolo eziphethwe ngabaphuma emazweni angaphandle bezivale iminyango ngalolu suku.

Phambilini amalungu e-Operation Dudula ake asolwa ngokuvala ngendluzula amabhizinisi abaphuma emazweni angaphandle kanye nokugasela nokucekela phansi izindawo eziphethwe ngabaphuma emazweni angaphandle.

Amaphoyisa akwa-SAPS abehlome eyizingovolo kanye namaphoyisa kaMasipala abekhona ukuzoqapha le mashi, ebinokuthula.

UDumakude uncome ubumbano lwe-Operation Dudula ethi ikhula ngesivinini phezu kobunzima abahlangabezane nabo eGoli.

“Abahlali abakhathazekile ezweni lonke bayayincoma le nhlangano. Siyanda isibalo sabantu abaseka i-Operation Dudula,” esho.

UDumakude uzichithile izinsolo zokuthi i-Operation Dudula igqugquzela udlame olumelene nabaphuma emazweni angaphandle, waqhelelanisa le nhlangano kumalungu asolwa ngokushaya abaphuma emazweni angaphandle.

“Mayelana nezinsolo zokuthi sifuna amaphepha afanele kulabo abasolwa ngokuba kuleli ngokungemthetho nokubahlukumeza, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi siyaziqhelelanisa nezigebengu.

“UMnyango wezaseKhaya yiwo oxosha abaphuma emazweni angaphandle abangenazo izincwadi, thina umsebenzi wethu ukufaka ingcindezi,” kusho uDumakude.

Ngesonto eledlule abalandeli be-Operation Dudula abebebuthene eThekwini babuyiselwe emakhaya ngoba bebengazi ukuthi imashi isihlehlisiwe.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi lokhu kungenxa yokuthi umholi wenhlangano uPhilani Gumede ubeboshelwe ukugqugquzela udlame.

UGumede uthweswe icala lokugqugquzela udlame emphakathini kanye nokwephula umthetho we-Cyber Crimes Act 14. INkantolo yeMantshi yaseThekwini imnike ibheyili ka-R5 000 ngoLwesithathu.

UMengameli uCyril Ramaphosa uzigxekile izenzo ze-Operation Dudula, wayichaza “njengehlangano ezithathela umthetho ngezandla” nokuthi izenzo zayo ezingekho emthethweni zingase zigcine ngokuchitheka kwegazi.

Scrolla World Cup Quiz