IDowns iwuqale kahle oweNedbank Cup

Lubhalwe nguMichael Madyira

IMamelodi Sundowns ingase kube yethule isitatimende se-Nedbank Cup ezimbangini zayo iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngokukhipha i-La Masia ngoLwesibili.

USundowns ibhaxabule iqembu elidlala ku-National First Division ngo 6-1 enkundleni yezemidlalo i-Dobsonville.

UGaston Sirino ushaye into ecokeme ngesikhathi uDivine Lunga, uLebohang Maboe kanye nomdlali osanda kusayina uMatias Esquivel beshaya igoli umuntu ngamunye.

ISundowns ihlasele iqembu elidlala esigabeni esiphansi ngesikhathi iChiefs nePirates bebukele.

Okungase kukhathaze iChiefs nePirates ekujuleni kweqembu leSundowns ukuthi iningi labadlali abajwayelekile bebengekho belimele.

Umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena utshele abezindaba ngemuva komdlalo wabo bebhekene ne-La Masia ukuthi abanye abadlali ababuya emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations neBafana abakwazanga ukudlala ngoba babuye belimele.

“Yilokhu okuyikhona futhi kufanele sizame ukusebenzisa iqembu elisele. Ukubonile namuhla bebhekene ne-La Masia futhi ubonile kuPirates ukuthi baseqophelweni eliphezulu lokuqhudelana nokusiza iqembu.”

Umphumela wangoLwesibili ungase ukhathaze izikhondlakhondla zase-Soweto ezizimisele ngokusebenzisa i-Nedbank Cup njengesango lokudlala ibhola lase-Afrika ngesizini ezayo njengoba zilwela ukungena emaqenjini amathathu ahamba phambili ku-Premier Soccer League.

IChiefs ayikanqobi lutho eminyakeni eyisishiyagalolunye futhi izoqala i-Nedbank Cup ibhekene neqembu eliku-Division One i-Milford ngeSonto.

IChiefs inomlando omubi wokuhlulwa amaqembu asezingeni eliphansi kulo mqhudelwano eminyakeni edlule, ikakhulukazi ngesikhathi ihlambalazwa iTS Galaxy neRichards Bay, okungamaqembu ayedlala ku-First Division ngaleso sikhathi.

Izimbangi zabo zase-Soweto iPirates ingompetha abavikela isicoco se-Nedbank Cup kanti izobhekana ne-Crystal Lake edlala esigabeni sesithathu ngoMgqibelo.

Esithombeni esingenhla: Abahlaseli beMamelodi Sundowns uGaston Sirino noMatias Esquivel begubha ngesikhathi bedlala ne-La Masia.

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva