Lubhalwe nguMichael Madyira
Ukushintsha kwefomu yeMamelodi Sundowns yokungadlali kahle kujulukisa umqeqeshi uRhulani Mokwena.
Ngemuva kwamasonto ambalwa ezenza onesibindi ezama ukubukeka engathukile ngenxa yefomu embi, umdlalo wangoLwesithathu ophele ngo 1-1 bebhekene neGolden Arrows wenze uMokwena wagcina evumile ukuthi ukhathazekile.
“Bheka. Ngijuluka ngesiwombe sesibili, umfutho wegazi uphezulu, sizokwenzani?” kusho uMokwena.
“Kodwa kufanele sidlale, kufanele siwine futhi abadlali bayakwazi lokho. Kufanele sibaphushe.”
ISundowns yehlulekile ukuwina imidlalo yayo emithathu yokugcina ye-Premier Soccer League nokuyinto ebukeka njengezimpawu zokuwohloka kule sizini.
Balahlekelwe ifomu esigabeni esibucayi sesizini ngaphambi kwama-quarter final e-CAF Champions League.
Njengoba sebewine umdlalo owodwa emidlalweni emihlanu edlule ye-PSL, kuthena amandla njengoba belungiselela isigaba samaqembu ayisishiyagalombili okugcina ezwekazi.
Ngemuva kokukhombisa ukuthi sebedlalela ukuzithuthukisa kumasizini edlule, umgomo wokwephula irekhodi labo le-PSL lamaphuzu angu-71 awusabalulekile kwiSundowns.
Okuhle ukuthi asiwajahi amaphuzu angu-71,” kusho uMokwena.
Ngakho-ke, akusigcindezeli futhi siyaqhubeka nokuzama ukuba ngcono emdlalweni olandelayo.”
ISundowns ilungiselela umdlalo we-quarter final we-Nedbank Cup ngoMgqibelo lapho izobhekana khona neStellenbosch esanda kudlala nayo ngokulingana ngo 1-1 koweligi.
Ukusuka lapho baya e-Algeria emdlalweni we-Champions League lapho abazobhekana khona ne-CR Belouizdad.
Ukuzabalazela ukuthola imiphumela emihle kule midlalo kungase kukhombise ukwehla kweSundowns ebinonya kule sizini. Kodwa manje sebeyisithunzi sabo futhi uMokwena uyazi ukuthi sikhona isidingo sohlelo lokuhlenga isizini yabo.
“Ngiyakhokhelwa ekutheni sizothola izixazululo,” kusho uMokwena.
“Kumele ngithole izixazululo zokuthi singazilungisa kanjani izinto. Yebo kufanele siwine ngoMgqibelo.”
Ngenyanga edlule bashaye amagoli ayishumi emidlalweni emibili emikhulu ngemuva kokuhlula ompetha bezwekazi i-Al Ahly ngo 5-2 kanye neRoyal AM ngo 5-1 koweligi.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns