Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena usegxile kwi-Fifa Club World Cup — ngemuva kokuqondisa iSundowns esigabeni somkhumulajezi kowe-CAF Champions League.
Abawina i-Champions League ngo-2023/24 bazoqinisekiswa indawo kowe-CAF kwi-Club World Cup. ISundowns isethubeni lokuyiwina.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali ngokuqeda endaweni ephezulu,” kusho uMokwena ngemuva kokuhlula iTP Mazembe ngoMgqibelo.
“Kumaka amabhokisi amaningi. Isinika amaphuzu kwi-Club World Cup. Lokhu kusinika ukuzethemba ukuya emzuliswaneni womkhumulajezi futhi kwenza isiqiniseko sokuthi siyaqhubeka nokwenza esikwenzayo – okuwukuzama ukunqoba yonke imidlalo esiyidlalayo.”
Ukwenza indlela ebheke kowamanqamu we-Champions League kube yinto ethembisayo kuSundowns, ukukhishwa okushaqisayo kwe-Wydad Casablanca, eqede isithathu ku-Group B.
Iqembu lase-Morocco liyiphike kaningi iSundowns indawo kowamanqamu kumasizini adlule, okubalwa nanyakenye.
Kodwa esinye isitha seSundowns – i-Al Ahly – isasele kulo mqhudelwano kanye ne-Esperance, i-Petro Atletico, i-Asec Mimosas, i-Young Africans, i-Simba SC kanye neTP Mazembe.
Ngemuva kokuqeda phezulu ku-Group A, okungenzeka ukuthi izimbangi zeSundowns kuma-quarter finals amaqembu aqede esendaweni yesibili ku-Group, ku-Group B, ku-Group C naku-Group D.
Lokho kusho ukuthi uMokwena nezakhe kuzomele bakhathazeke nge-Simba, i-Esperance kanye ne-Young Africans.
Leli qembu lase-Tshwane lithole indawo yokuqala ngemuva kokuhlula iTP Mazembe ngo 1-0 enkundleni yezemidlalo iLucas Moripe ngoMgqibelo.
“Ngicabanga ukuthi sibe neqembu elinzima ngokulingana. Kodwa ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu ukuqeda sihlezi phezu kweqembu ebelinzima kakhulu,” kusho uMokwena.
“Siphinde sabuyela emuva ngemuva komdlalo phakathi, sathola imiphumela sibhekene ne-Pyramids FC kanye ne-TP Mazembe. Kodwa sibonise umqondo omuhle wokubuyela emuva futhi sithole imiphumela emihle.”
ISundowns ifuna isicoco sayo sesibili se-Champions League ngemuva kokunqoba isicoco sayo okuwukuphela kwaso ngo-2016.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beMamelodi Sundowns bejabulela igoli likaPeter Shalulile bedlala neTP Mazembe.
Umthombo wesithombe: TP Mazembe