Idolobhana lase-Dididi seliphinde lathola enye imana

Elmon Tshikhudo

Idolobhana lasemaphandleni i-Dididi ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo lichazwe njengeKhenani lesikhathi sanamuhla.

Kulo nyaka, leli dolobhana libusiswe kabili ngamakhulu ezinkukhu eziyimfihlakalo abantu bendawo abazitika ngazo. Futhi manje, amakhulu eziphuzo ezibandayo phecelezi i-cool drink evele ngokungaqondakali endaweni.

Njengoba besho, ukudla okumnandi kudinga isiphuzo esipholile sokwehlisa, futhi yilokho kanye okutholwe idolobhana lase-Dididi.

Ngemuva kwezinkukhu eziyinqwaba ezavela kuleli dolobhana, sekuphinde kwavela enye imana ngemuva kokutholwa kwamakhulu eziphuzo ezibandayo emathuneni endawo.

Iziphuzo ezibandayo ezingaziwa ukuba ziqhamukaphi ebezigcwele emathuneni zitholwe ngumalusi wezinkomo, obedlula ngendlela ngoLwesithathu.

Lezi zindaba zithumele amaza emphakathini, osazama ukwamukela lezi zehlakalo ezimbili zangaphambilini zezinkukhu ezingaziwa ukuba ziqhamukaphi.

Njengasekuqaleni, abahlali abazange bachithe isikhathi sabo.

Ngokushesha ngesikhathi kusabalala izindaba, abahlali baphuthume lapho bathola ukuthi iningi leziphuzo selivele lithathiwe.

Iningi lababenethemba libuye lidumele njengoba bezingekho iziphuzo ezanele wonke umuntu.

Manje, kuphakama imibuzo phakathi kwabantu bendawo ngokuthi kungani lezi zehlakalo ezinje zilokhu zenzeka esigodini sabo.

UMnuz Matodzi Mudau uthe lesi sgodi sishaqekile kulandela lokhu okubukeka kuyisimangaliso, kodwa usalokhu enokungabaza.

“Yisiphi esinye isigodi esake sehlelwa yilokhu esikubonayo lapha? Lokhu kudinga ukuthi kungenelelwe, njengoba singazazi izinhloso zalabo abalethe lezi zinto lapha,” kusho yena.

UDkt Alunamutwe Randitsheni, isazi semfundiso yenkolo uthe lento akumele ithathwe kalula njengoba “i-Afrika inesayensi yayo.”

“Izinkukhu neziphuzo ezibandayo kungenzeka ukuthi zinezinhloso ezimbi futhi zingaba yisiqalekiso kubantu. INkosi nabantu bayo kumele bahlale phansi banqume ukuthi bazokwenzenjani,” esho.

Umelaphi wendabuko uMatamba Mamuremi we-Vhangona Indeginous Health Practitioners uthe abaholi bendabuko kwakufanele benze isiko ngokushesha ngemuva kokuvela okokuqala kwezinkukhu.

“Ngezikhathi zakudala bekuvame ukuba nezinsuku ezikhethekile zamasiko athile esigodini,” esho.

Izihloko zakamuva