Idolobha laseKapa lizokhipha umehlokabona ka-R100k ngemininingwane yabasolwa ababulale umdayisi wenyama

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane oneminyaka engu-64 ubudala waseKraaifontein, eKapa, ​​udutshulwe wabulawa ngenyanga edlule. Ababulali abakaboshwa, ngakho-ke idolobha linikela ngo-R100 000 ukuze bathole ulwazi olungaholela ekuboshweni kwabo.

Abasolwa uSiyabonga Kholakele (29) noYanele Mangweni (32).

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uLieutenant-Colonel Malcolm Pojie uthe umgilwa wabulawa ngomhlaka-20 kuNcwaba ngezithuba zabo-7:30 ebusuku ekhoneni lomgwaqo uMaroela noNtongabini eWallacedene, eKraaifontein.

“Ulwazi olwandulelayo, oluqoqiwe luveze ukuthi abasolwa ababili bafike kumgilwa benza sengathi bathenge inyama kuye. Kuthiwa balandela umgilwa bangena emjondolo wakhe lapho etholakale khona edutshulwe ekhanda,” kusho uPojie.

Abasolwa babalekile.

“I-Tracking and tracing iyingxenye yezinhlelo ezithathwa ngamaphoyisa ukulandelela abasolwa. Kukhishwa umehlokaboni ofinyelela ku-R100 000 konolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa futhi bashushiswe ngempumelelo,” kwengeza uPojie.

Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe lo wesifazane ubeneminyaka edayisa inyama kulowo mgwaqo.

“Ngiyethemba ukuthi bazoboshwa bachithe impilo yabo yonke ejele,” kusho isakhamuzi. “Besingekho isidingo sokuthi babulale umuntu obezama ukubekela umndeni wakhe ukudla etafuleni. Ngizwe kuthiwa bacela imali yokuvikela, wabatshela ukuthi akanayo.”

Esithombeni esingenhla: Idolobha laseKapa likhiphe umehlokaboni ka-R100,000 ozoholela ekuboshweni kwabesilisa ababili ababulale owesifazane waseKraaifontein obedayisa inyama.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva