Idolobha laseKapa lingase lichithe u-R30 million kuphahla lwesikhashana ukuze i-DHL Stadium isingathe impi enkulu ye-UFC.
IMeya yedolobha, uGeordin Hill-Lewis, uluqinisekisile lolu hlelo engxoxweni yakamuva emsakazweni neCapeTalk.
Ukuvuleka kwenkundla kwenze kwaba nzima ukubamba imicimbi uma isimo sezulu singesihle, kodwa lokhu kungase kushintshe, ikakhulukazi njengoba iKapa inethemba lokusingatha umpetha waseNingizimu Afrika we-UFC uDricus du Plessis ozobe evikela isicoco. Kudingeka indawo evalekile ukusingatha umdlalo.
UDu Plessis uqophe umlando enqoba isicoco sakhe se-UFC ngoMasingana.
UMengameli we-UFC uDana White uthe: “Uma uDricus eba ngumpetha womhlaba sizoya eNingizimu Afrika.”
Ngemuva kokunqoba kukaDu Plessis, uWhite ukuqinisekisile ukuthi lo mshayisibhakela angase abe yinhloko yomcimbi we-UFC e-Afrika, futhi uHill-Lewis uyaqiniseka ukuthi indawo yaseKapa ingasingatha le midlalo.
“Sisebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi impi yesicoco elandelayo iyenzeka lapha eKapa,” esho ngoNcwaba.
Idolobha seliqalile ukuhlela umcimbi. Onjiniyela benze ama-design amane ophahla lwesikhashana olungabekwa futhi luphinde lususwe uma sekudingeka, okwenza inkundla ivumelane neminye imidlalo.
Uma konke kuhamba kahle futhi uHulumeni evuma, uphahla lungase lube selulungile ngoNdasa wonyaka ozayo.
Nokho iKapa ibhekene nomqhudelwano waseGoli nasePitoli nabo abalwela ukusingatha umcimbi we-UFC.
Idolobha laseKapa lisaxoxisana ngezinhlelo zokugcina noHulumeni kazwelonke futhi licabanga ukusebenzisa i-International Convention Centre njengenye yezindawo.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Esithombeni esingenhla: I-Cape Town Stadium.
Umthombo: Cape Tourism