Idolobha laseGoli lilahlekelwa izigidi zamarandi ngenxa yezinyokanyoka

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

I-Johannesburg City Power inqamule izintambo zikagesi ezixhunywe ngokungemthetho ngoLwesithathu esigcemeni sase-Kanana e-Tembisa.

Abasebenzi be-City Power, abebegadwe ngamaphoyisa kaMasipala kanye namaphoyisa e-SAPS, banqamule izintambo ezixhunywe ngokungemthetho base beshaqa amakhebula e-aluminium angu-18,000kg emijondolo yase-Kanana e-Rabie Ridge.

Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena uthe lo msebenzi uyingxenye yohlelo lwebhizinisi lokunciphisa “ukusetshenziswa kukagesi ngokweqile” – noma isidingo esingaphezu kwalokho inkampani ekwazi ukukuhlinzeka yona.

Uthe izakhamizi zasemijondolo bezithinta ngokungemthetho inethiwekhi kagesi, zicekela phansi ingqalasizinda futhi zeba nogesi, okunomthelela omubi ekuhlinzekweni kukagesi ezindlini ezisemthethweni.

“Selokhu kuqale unyaka i-City Power kudingeke ukuthi ishintshe ama-transformer ayisishiyagalombili endaweni acekelwe phansi wukuxhunywa ngokungemthetho. Okwamanje, ama-transformer amathathu engeziwe adinga ukushintshwa e-Rabie Ridge nawo athintekile ngenxa yokusindelwa ngokweqile.

“Kuboshwe umuntu oyedwa ngokuxhuma ugesi ngokungemthetho, abanye abaningi baboshwe nezintambo ezebiwe ebezixhuma ugesi ngokungemthetho. Iningi lalawa makhebula antshontshwa emarobhothini omgwaqo edolobheni lonke.”

Isikhulu se-City Power uTshifularo Mashava uthe nakuba kubalulekile ukunqamula ukuxhunywa okungekho emthethweni, kuyisixazululo sesikhashana nje.

“Ukuxhunywa ngokungemthetho kuyingxenye yenselelo enkulu kulezi zindlu okumele kubhekwane nayo, ukuze sikwazi ukuletha ugesi kweminye yale mijondolo.

“Sikugcizelele ukuthi kuzosivuna ukuthi kufakwe ugesi emijondolo engu-321 eseDolobheni laseGoli, njengoba sizokwazi ukukala umthamo odingekayo, siphinde sizuze ngokuthengwa kukagesi.

 “Kulo nyaka wezimali odlule, sikwazile ukufaka ugesi emijondolo emine, okuyi-Slovo Park, i-Princess Plot, i-Matholesville kanye ne-Kliptown,” kusho uMashava.

Ukuze i-City Power ixhume izinsiza zikagesi, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kufanele uqale uqinisekise indawo ukuba kuyahlaleka kuyo njengengxenye yenqubo yokuba semthethweni.

Uma indawo isisemthethweni, i-City Power ingaletha izinsiza zokuhlinzeka ngogesi, okuncike ekutholakaleni kwesabelomali.

Esithombeni ngenhla: Izikhulu ze-City Power noxhaxha lwezintambo ngemuva kokunqamula izinyokanyoka.

Umthombo: City Power

Izihloko zakamuva