Idolobha lase-Addis ligcwele uvalo njengoba abafana abaphethe izinduku ezinde bezozingela “izimpimpi nezinhloli”

Getachew Abera

Babevame ukufika ngokuthula ebusuku noma ekuseni kakhulu. Manje abasazifihli. Bahamba emigwaqeni ngezimoto zamaphoyisa bedlalela umculo phezulu, betshela abantu ukuthi besize ngokubopha “izimpimpi nezinhloli”.

Phambililini bekuhlale kumemezela amadoda amadala ngombhombho, futhi engasiye umngani wamuntu, kodwa aphila saka. Manje, ngokwandayo azisekho izimoto, ayisekho imbhombho , sekuyiqulu nje labafana emgwaqeni abagqoke amahembe anemibala, abaphethe izinduku ezinde, abagijima emgwaqeni futhi baphushana bodwa.

Baklabalasa kakhulu, bahlezi bekhuluma “ngezimpimpi nezinhloli”, futhi siyazi ukuthi lokho kusho ukuthi “ama-Tigreans”. Futhi abafuni ukuthi ubasize ukuthi babophe noma ngubani, bafuna ukuzenzela bona – ngakho gijima.

Nginentombi “eyi-Half Tigrean”. Noma okungenani lokhu yikhona okwakubhalwe kumazisi wakhe.

Manje sisanda kunikezwa omazisi abasha. Ubuzwe  abubhaliwe, okuyinto efanele isiqinise idolo. Kodwa akunjalo.

Ngoba abafana abaphethe izinduku ezinde bayazenzela nje. Bangabamba noma ngubani abamfunayo, bamsole ngokuthi “uyinhloli nempimpi”.

Nginomngani wami osebenza kwi-African Union owasinda ekubulaweni kwabantu base-Rwanda. Uyahleka uma umtshela ukuthi kwakungama-Hutu abulala ama-Tutsi. Uthi bekuyimpi phakathi kwalabo ababekwazi ukuthenga izicathulo zokuhambisa izingane esikoleni nalabo ababengakwazi.

Ungakhathazeki ngama-Tutsi noma ama-Hutu. Manje abafana abasemgwaqeni abaphethe izinduku abanazo izicathulo futhi abayi esikoleni. Bayagijima futhi bayamemeza. Kwesinye isikhathi ubona amaphoyisa (noma sicabanga ukuthi amaphoyisa) eza ngemuva kwabo.

Bazokhetha ukuthi bathatha bani. Bathatha ababukeka bengajabule ngezimoto ezinkulu noma amaloli amancane. Futhi asiphinde sibabone.

Mina nentombi yami eyi-half-Tigrean kwadingeka ukuthi sigijime ngolunye usuku. Uma wazi i-Addis, ezansi kwezakhiwo eziphakeme ezingenalutho ezakhiwe kule minyaka embalwa edlule, isenayo inxanxathela yemijondolo emidala nemigwaqo yakudala.

Abanti base-Tigre babezonda labo ababebusa. Bathi lezi ndawo azihlanzekile futhi zisetshenziselwa ukukhoselisa izigebengu. Manje bacashe khona, ngoba kuthiwa izigebengu.

I-Yene gorobete (ngesi-Amaharic lokhu kusho ukuthi “umakhelwane wami”) isihloko sengoma yomculi odumile u-Alemayu Eshete. Sigijima emihubheni emincane, lapho omakhelwane bethu abake bagijima khona ngaphambilini.

Izihloko zakamuva