Idolobha lakuleli elizilawulela ugqamcishi

Idolobhana lase-Clarens e-Free State kubukeka kuyilona dolobha lokuqala elikhombisa ubuhlakani eNingizimu Afrika.

Lokhu kungenxa yephrojekthi eyingqayizivele yakwa-Eskom evumela idolobha ukuthi lizilawulele lona ukusetshenziswa kwagesi wabo.

I-Clarens yaziwa njengedolobha elinendawo enhle nomphakathi walo othanda ubuciko, incike kakhulu ekuhwebeni kwezivakashi. Leli dolobha selizame indlela enobuchwepheshe abakwazi ngayo ukulawula isisindo sagesi abawusebenzisayo.

U-Eskom ugqamise ukuthi indawo yase-Clarens iyilungele ukuqala lephrojekthi ngenxa yengqalasizinda yayo, ehlanganisa ama-smart metering, iziteshi zokushaja izimoto zikagesi, kanye nenani lamajeneretha amancane aphehla ugesi.

Lolu hlelo olusha, olwaziwa nge-group curtailment lusiza umphakathi ukulawula isidingo sikagesI ikakhulukazi ngesikhathi sokushoda kukagesi.

Umphakathi usebenza ngokubambisana ukunciphisa ukusetshenziswa kukagesi uma u-Eskom ubatshela.

Lesi saziso sikhishwa emahora amabili ngaphambili futhi ukuncishiswa okudingekayo kufanele kugcinwe ngesikhathi sikangqamcishi.

Ukuze bakwazi ukwenza lokhu i-app esebenza ukuxwayisa izakhamuzi uma kumele zinciphisa ukusetshenziswa kwandla agesi.

Idolobha liyakwazi ukugada indlela abawusebenzisa ngawo ugesi, futhi uma kunesidingo izakhamuzi ziyanxuswa ukuthi zinciphise indlela abasebenzisa ngayo ugesi.

UGert Kruger okunguyena obhekelela leprojekthi yase-Clarens, uthe edolobheni elihlezi linezivakashi njenge-Clarens, ukugwema ungqamcishi kubalulekile.

Iphrojekthi incike ekubambeni iqhaza kwezakhamuzi kanye namabhizinisi. Umphakathi uyaweseka umsebenzi futhi wonke umphakathi uyazuza kakhulu kulokhu.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: I-Clarens.

Umthombo wesithombe: Clarens.co.za

Izihloko zakamuva