Idlule nemiphefumulo eminingi yamasosha ase-Russia nawase-Ukraine

Arthur Greene

Izinsuku ezimbili ekuqaleni kwenyanga kaNdasa, idolobha elincane lase-Ukraine lahlehlisa kanzima impi yase-Russia, okugcine sekuholela ekutheni samasosha kaVladimir Putin abone afike ngayo.

Ukuhlala edolobheni lase-Voznesensk bekuzonikeza amasosha ase-Russia ithuba elihle empini. Bekuyisango eliya esiteshini sikagesi futhi le ndawo inomzila oseningizimu oya edolobheni lase-Odessa.

Njengoba kunabantu abangu-35,000 kuphela, bekufanele kube umsebenzi ojwayelekile kubantu base-Russia.

Kodwa izakhamuzi zendawo zijoyine iqembu lase-Ukraine eliphethe amabutho akhathekile, benza impilo yabahlaseli yaba nzima.

Mhla zintathu kuNdasa ngemuva kwezinsuku ezimbili zokulwa, amasosha ase-Russia abaleka, ashiya ngemuva izimoto ezingu-30 kwezingu-42 azishiya edolobheni.

Ngokusho kwezikhulu zase-Ukraine, lezi zimoto bekukhona nombayimbayi, izimoto ezithwala izikhali, iziqhumane zamarokhethi amaningi namaloli, kanye nendiza enophephela emhlane yokuhlasela i-Mi-24.

Abantu base-Voznesensk ngakolunye uhlangothi, bebengenawo ngisho umbayimbayi owodwa noma indiza enophephela emhlane bebehlome  ngamabhomu aqhunyiswa ngamarokhethi, imicibisholo ekhafula umlilo kanye nosizo oluthile oluvela kubantu.

Ukuze banqobe amabutho ase-Russia aqeqeshiwe, izisebenzi zokwakha zavula indawo ezobavimbela endaweni eyodwa ukuze bakwazi ukubahlasela ngezibhamu.

Izikhulu zase-Ukraine ziveze ukuthi amasosha ase-Russia ashone empini cishe abengaphezu kwekhulu. Abayishumi ababaleka bangena emahlathini babanjwa.

“Wonke umuntu ubumbene ngokumelene nesitha esibahlaselayo,” kusho iMeya yase-Voznesensk eneminyaka engu-32 ubudala, uYevheni Velichko, etshela i-Wall Street Journal. Enyangeni edlule, uVelichko ubesebenza njengonjiniyela wezindlu. Manje, ungumkhuzi wamasosha.

Umthombo wesithombe: @WSJ

Scrolla World Cup Quiz