Idili kwemukelwa oxoshwe kwiBig Brother

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Nakuba ephoxekile ngemuva kokuphuma emasontweni amabili ngaphambi kokuphela kwe-Big Brother 2024, uYolanda Munyai ukuthakasele kakhulu ukwamukelwa kwakhe abalandeli bakhe abaningi edolobheni langakubo e-Phalaborwa, e-Limpopo.

Idolobha lenze idili elikhulu ekhaya ngempelasonto lokubuya kwalo owesifazane (32).

Lo mgubho ubuse-Foskor Sports Ground elokishini lase-Namakgale lapho uYolanda abingelelwe khona abalandeli abebedansa bedlala nomculo bemhlonipha.

Ephelezelwa umngani wakhe kanye nalowo abenguzakwabo ku-Big Brother, uMitch kanye nomndeni wakhe, uYolanda ujabulele imidanso ebiyenziwa amaqembu ahlukahlukene okudansa futhi uthole isithombe esikhethekile esivela kumdwebi wendawo.

Ehlanganyela ukubonga kwakhe, ukhulume nabalandeli wathatha izithombe waze wadansa nomdanso wesintu nge-Xibelana wesi-Tsonga nabebekhona.

“Ngiyabonga ngokungivotela ngemali yenu eniyisebenzele kanzima, ngiyalubonga uthando eniqhubekile nokulukhombisa kimina,” kusho yena.

UYolanda wabelane ngohambo lwakhe kwi-Big Brother, egcizelela ukuthi ekuqaleni wayengenandaba nalo mdlalo ngenxa yokungabi nayo i-DStv kodwa wagcina egqugquzelwe umngani wakhe ukuthi afake isicelo.

Ubuntu bakhe obunempilo buqinisekise ukuthi uthola indawo ezinsukwini ezimbili ngaphambi komnqamulajuqu.

Lo mcimbi wokumamukela uhlelwe umakhi womphakathi u-Edmond Mbheste oqashe inkundla waphinde wakhokhela umsindo nobekuzophekwa.

Ngemuva komkhosi, uYolanda no-Mitch baye e-Burgersfort komunye umcimbi.

OYolifires okungabalandeli baYolanda sebesungule i-akhawunti yokuqongelela imali ukuze bazame ukumtholela imali yokumduduza ngokuphuma kwakhe ku-Big Brother.

UMC Junior uwine i-Big Brother 2024 ngeSonto kusihlwa waphinde wemuka no-R2-million.

Esithombeni esingenhla: UYolanda Munyai.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva