
Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ngenkathi izakhamuzi zasemijondolo yase-Gabon nase-Qalabotsha zingasakwazi ukubhekana nobugebengu obudlangile endaweni, iqembu elihleliwe laBasotho elaziwa ngokuthi amaRussia lavolontiya ukuzulazula emigwaqeni ukuze kubuyiselwe ezokuphepha.
“AmaRussia,” iqembu lezigebengu elasungulwa ekuqaleni kwango-1940.
Sekungamashumi eminyaka besebenza ezimayini zegolide, bevikela ozamazama.
Njengoba kunomlando wodlame, okuhlanganisa nokushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokuthumba, amaRussia e-Daveyton asephendukele ekukhwabaniseni.
Leli qembu lilawula ngokugcwele imijondolo kanti izakhamuzi ziphoqeleka ukuthi zikhokhe u-R30 umuzi ngamunye njalo ngenyanga kanye nemali ephakathi kuka-R150 no-R1 000 ukuxazulula amacala.
Amacala kubalwa udlame olusekelwe ebulilini, ukuphangwa ezindlini kanye nokudlwengula.
Izakhamuzi zidalule lokhu kwiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Tommy
Mthombeni ngesikhathi kunembizo yomphakathi ebiyingxenye ye-Operation Shanela muva nje. Uma ushayela endaweni ebusuku, uyamiswa esitobhini bese useshwa ngabalisa abagqoke izingubo zokulala ezisindayo behlome beyizingovolo.
Izivakashi kumele zidalule ukuthi ziya kuphi nesikhathi ezizosichitha endaweni.
Sikhuluma nabe-Scrollla.Africa isakhamuzi sakule ndawo sithe basebenzisana naleli qembu eliwuhlobo lwe-mafia ngoba sebelahlekelwe yithemba emaphoyiseni.
“Selokhu ama-Russia engene emigwaqeni, izigebengu ziyesaba ukungena endaweni ngenxa yesibalo samadoda angaBasotho azulazula emigwaqeni,” kusho isakhamuzi esingeke sidalulwe ngenxa yokwesabela impilo yaso.
“Leli qembu liyakwazi nokuthola abasolwa bese libaletha phambi komphakathi lapho bebhekana namacala abo bese beshaywa ngobugebengu babo.”
Lesi sakhamuzi sengeze ngokuthi yize izinto zihamba ngendlela emijondolo inkinga abahlali nabo sebeyalisaba leli qembu.
“Sebephenduke abantu abanomhobholo. Uma umuzi uhluleka ukuhambisana nezinkokhelo zenyanga uyahlukunyezwa futhi usongelwe ngamadoda agqoke izingubo zokulala. Sebenza sengathi bangabanikazi bezindlu zethu,” kusho isakhumuzi.
Esinye isakhamuzi esikhathazekile sengeze ngokuthi amalungu omphakathi ayasaba ukumelana neqembu.
“La madoda anonya futhi ayingozi. Akwazi nokubulala noma ngubani okhuluma kabi ngawo,” usho kanje.
“Sifisa sengathi amaphoyisa angenza okwengeziwe ukulwa nobugebengu ukuze singabe sisasebenzisa izigebengu ukuthi zisivikele.”
IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Tommy Mthombeni unxuse abahlali ukuthi babikele amaphoyisa uma kukhona amacala obugebengu.
“Uyakwazi ukubika amacala ngokuyimfihlo. Ngeke kwaziwe ukuthi ungubani,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zasemijondolo yase-Gabon nase-Qalabotsha kwimbizo yomphakathi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe