Lungani Zungu
Ngesikhathi izinga lokushisa KwaMbonambi ngaseMpangeni eKZN lenyuka liya ku-31 degrees ngoLwesihlanu, ontanga ababili banqume ukuyobhukuda.
UMusa Hlongwane oneminyaka eyi-16, akazange abuyele ekhaya esuka kulolo hambo olubi kangaka. Uminzile, kwathi umngani wakhe uSimiso Ngcobo naye oneminyaka eyi-16, osindile wabelana ngemininingwane ethusayo yezikhathi zokugcina zomngani wakhe.
“Sijwayele ukuya edamini uma kushisa ukuze siphole. Inhliziyo yami ibuhlungu, futhi ngizomkhumbula umngani wami,” kusho yena.
Uthe bebebhukuda edamini ngesikhathi amanzi eqala ukuzungeza, kwavuleka imbobo enkulu phakathi nendawo.
“Ngikwazile ukubhukuda ngiphume emanzini, kodwa umngani wami akakwazanga. Ukhale kakhulu ecela usizo, kodwa bengisaba ukubuyela emanzini.”
Uthe ngeke aphinde esabuyela edamini. “Kuzoba yisikhumbuzo sokuthi lena yindawo lapho ngilahlekelwe khona ngumngani wami. Ngiyizonda kakhulu le ndawo.”
USolomon Mkhize ohlala eduze nedamu, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhlale exwayisa abantu ngokubhukuda edamini.
“Bengilokhu ngitshela izingane ukuthi zingayi lapho, kodwa ziyaqhubeka ziye.”
Uthe lesi akusona isigameko sokuqala sokuminza kwabantu. Ngenkathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa ocingweni, ubezwakala ememeza izingane, ezivimba ukuya edamini.
“Le iyona mpilo engiyiphilayo lapha. Ngihlala njalo ngimi lapha ngikhuza izingane ezincane. Azilaleli.”
Unxuse uhulumeni ukuthi avale idamu eliyingozi.
“Kuze kubiywe lelo damu, abantu abasha bazoqhubeka nokuya lapho bacwile. Nginxusa uhulumeni ukuthi abiyele leli damu, uma kungenjalo sizoqhubeka nokungcwaba izingane zethu.”
Umndeni ososizini ucele isikhathi sokuzila.
Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbele usiqinisekisile lesi sigameko.
“Isisulu nomngani waso banquma ukuyobhukuda edamini elincane. Wangena enkingeni waminza. Kube sekufika abatakuli babheka, kwatholakala isidumbu sesisulu.”