Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Uhulumeni womfelandawonye oholwa i-DA unikezwe imvume yokuhola eNelson Mandela Bay – ngokomyalelo weNkantolo eNkulu yase-Gqeberha.
NgoLwesihlanu, iJaji u-Avinash Govindjee umise ukuqaliswa kwesigaba-12 soMthetho weziNhlaka zoMasipala owawukhishwe uNgqongqoshe wakwaCogta kulesi sifundazwe uZolile Williams ngoZibandlela nyakenye.
Ukuqaliswa kwalo mthetho bekuzoshintsha ngokuphelele uhlelo lwamanje lobumeya kumasipala.
IMeya uRetief Odendaal kanye ne-DA bafake isicelo esihlangene esiyizingxenye ezimbili sokuthi isichibiyelo simiswe kuze kube kulalelwa ingxenye yesibili yesicelo.
Ingxenye yesibili yesicelo ithi umzamo kaWilliams, ngalesi sichibiyelo ubugqugquzelwa ipolitiki.
Kodwa-ke, la maqembu amabili afinyelele esivumelwaneni sesikhashana ngoLwesihlanu lapho inkantolo ikhiphe khona isinqumo sokuthi kumiswe lesi sichibiyelo kuze kube inyanga ezayo.
Umholi we-DA esifundazweni uNqaba Bhanga, uthe uNgqongqoshe uxoxisane nabameli beqembu wabanxenxa ukuthi abahoxise isiphakamiso kuze kube umhlaka-16 kuNhlolanja.
“Lokhu kusho lukhulu ngokungazethembi kwakhe esiphakamisweni sakhe,” esho.
Yize uWilliams ethe isizathu sokuchithwa kohlelo lobumeya likamasipala kungenxa yokuntengantenga kwezepolitiki, u-Odendaal uthe umfelandawonye okhona ukwazile ukubeka ukungezwani kwabo eceleni wabeka izidingo zabantu phambili.
“Ezinyangeni ezintathu ezedlule sikwazile ukuyisa umasipala phambili. Ukungezwani okuncane sikubeke eceleni sasebenzela abantu baseNelson Mandela Bay,” esho.
Uthi i-ANC ayifuni ukusebenzisana namadlelandawonye.
“Bayiqembu elingenandaba bafuna ukulawula yonke into ngokuphelele. Ngikholwa ukuthi i-ANC ayiyazi indlela yokusebenzisana namanye amaqembu futhi lokho kunomthelela ekulethweni kwezidingo kubantu,” esho.
Isakhamuzi saseNelson Mandela Bay, uNophakamile Manzana uthe ezinyangeni ezintathu ezedlule babone izinguquko ezinhle zokulethwa kwezidingo kubantu.
“Sifakelwe ugesi emijondolo yethu. Izikhulu zikamasipala sezibonakala kakhulu kunakuqala emalokishini,” esho.
Esithombeni esingenhla: IMeya uRetief Odendaal ekhuluma nezihlwele zabalandeli ngaphandle kweNkantolo eNkulu yase-Gqeberha
Umthombo wesithombe: DA Eastern Cape