Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-Democratic Alliance (DA) ikhwele yadilika kumasipala weTheku ewusola ngokuhluleka ukuthenga itiyela lokuvala imigodi esiqede izimoto emigwaqeni eminingi okuvela ukuthi eminye yayo selokhu yavuleka ngezikhukhula zango-2022.
Ukhansela uSithembiso Ngema uthe ukudembesela kukamasipala ukuthenga leli tiyela (Asphalt) sekudale ukuthi ibeminingi imigwaqo esigugeleke itiyela kwaze kwaba nemigodi eminye yavodloka ngenxa yezimvula.
“Ubungozi obukhulu osebudalwe ubudedengu bukamasipala weTheku ekuvaleni imigodi esemigwaqeni yeTheku okuyisemalokishini nasezindaweni ezahlukene zamabhizinisi, kuphazamisa umnotho wedolobha kuphinde kubeke engcupheni izimpilo zabantu ngoba izimoto zishaya kakhulu kule migodi zikhande izingozi noma zikhalakadele kule migodi emikhilu (sinkholes) esuke ingavaliwe,” kukhalaza uNgema.
Uthe akeneme neze ngeziphathimandla zeTheku ngoba sekuyacaca ukuthi “zihuqa ubuthongo”, zikhohlwe umsebenzi.
Uhlabe ikhwelo lokuba iTheku liphuthumise ukuthengwa kwaleli tiyela, kuphinde kwenziwe uhlelo olubalulekile lokukhishwa kwethenda ukuze kunqandwe nenkohlakalo.
Okhulumela umasipala weTheku uNkk Gugu maMbonambi-Sisilana uthe inkinga yokutholakala kukakhontolo i-Asphalt akuyona eyeTheku kuphela kodwa ikhungethe izwe lonke.
Uthe nokho ukulungiswa kwemigwaqo enemigodi kuncike kusabelo mali esisuke sikhishiwe umkhandlu.
Uveze ukuthi umasipala ngenyanga nje ubhekana nemigwaqo engaphezulu kuka-2000 ayilungisayo ngokuvala imigodi (potholes) nokusuke kuyizikhalo ezibikwe umphakathi.
“Ngaphandle kwalokho uphiko lwezemigwaqo kumasipala lwenza isiqiniseko sokuhlonza imigwaqo enezinkinga naleyo esuke idinga ukulungiswa nokuyinto eyenziwa njalo ukuze kukwemegeke umonakalo ongenzeka. Lapha sibala ukuvuselelwa kolayini, ukupheshwa kwemigwaqo esiqala ukulimala itiyela nokunye,” kuchaza umaMbonambi-Sisilana.
