IDA ifuna uLesufi aphenye ngokushona kwabavukuzi abayisikhombisa abangekho emthethweni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-DA e-Gauteng ifuna uNdunankulu uPanyaza Lesufi aphenye ngokushona kwabavukuzi abayisikhombisa abakuleli ngokungemthetho abashona ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso we-Operation Vala uMgodi endaweni yokulahla udoti emayini yase-Daggafontein e-Springs ngomhlaka-26 kuNcwaba.

Ngesikhathi kugasela abomthetho, abavukuzi abaningi, iningi labo okungabokufika ngokungemthetho kuleli, bathola amanxeba okusha amabi ngesikhathi izikhulu zomthetho zishisa umhlanga ovale ixhaphozi eduze kwendawo yokulahla udoti ukuze kuphume abavukuzi.

Abaningi babavukuzi – abavame ukubizwa ngokuthi ozamazama – bagxumela exhaphozini bezama ukubalekela ukuboshwa, futhi kukholakala ukuthi abanye babo kungenzeka ukuthi baminza.

Lolu hlelo, okuhloswe ngalo ukunqanda ukumbiwa kwemigodi ngokungemthetho ezweni lonke, lwenziwa ngamaphoyisa, amasosha eSouth African National Defence Force kanye namaphoyisa kamasipala waseKurhuleni.

Ilungu lePhalamende le-DA e-Gauteng, uMichael Sun, uthe iqembu lifuna uLesufi, obhekelele ukuphepha komphakathi esifundazweni, aphenye kabanzi ngazo zonke izici ngalesi sigameko.

“Uma abomthetho kutholakala ukuthi basebenzisa igunya labo ngendlela engafanele, kumele kube nemiphumela kwabathintekayo ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyaqhubeka,” kusho uSun.

“Sizophinde sethule imibuzo kuLesufi ukuze sithole ukuthi kwenzekani nokuthi ngabe lesi sigameko besingagwemeka yini.”

USun wengeze ngokuthi lesi sigameko esibuhlungu sikhombisa ukukhathazeka ngokuziphatha kwamaphoyisa ezindaweni ezikhungethwe yizimayini ezingekho emthethweni.

“Izinsolo zenkohlakalo yamaphoyisa, ukuhlukunyezwa nesihluku ngebhadi zivamile lapho kwenzeke khona isigameko e-Daggafontein.

“Besinxusa ukuthi kube nophiko lwamaphoyisa akhethekile nasebenza ngokuzikhandla ekulweni nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho esifundazweni sonke.

“Lesi sigameko sigcizelela isidingo esiphuthumayo sokuthi uphiko olufana nalolu emaphoyiseni luqinisekise indlela esemthethweni nokuziphatha ukubhekana nale nkinga,” usho kanje.

Isithombe ngenhla: Abavukuzi abakuleli ngokungemthetho bekala izindawo zokulahla udoti e-Springs.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva