IDA engcupheni yokulahlekelwa amavoti okhethweni oluzayo

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Kungenzeka ukuthi i-DA isindise i-ANC ekuhlulweni okuthile ngokuqoka ubuholi obumhlophe obuzobuyiswa okhethweni lwangonyaka ozayo.

Ngisho ne-ANC ibisivele ivumile ukuthi ukhetho oluzayo luzoba nzima.

Engqungqutheleni yayo yokukhetha ubuholi ngoZibandlela nyakenye iqembu lathi libhekene nokulahlwa ngabavoti abancane abamnyama ngesikhathi likholelwa ekutheni iningi labavoti balo abasezingeni eliphakathi livele lenqaba ukubamba iqhaza okhethweni lwakamuva.

Zonke izinto bezikhombisa ukuthi iqembu elibusayo lizothola amavoti angaphansi kuka-50% okokuqala ngqa eminyakeni engu-30.

Lokho kungaba ngenxa yomlando oncomekayo wokubusa okuhle kwe-DA eKapa nase-Western Cape osekudale amathuba emisebenzi amaningi ukwedlula zonke ezinye izifundazwe zihlangene.

Kodwa ukwenqaba kwe-DA ukuthi kukhethwe abaholi abamnyama kulo nyaka kungase kusize i-ANC ukuthi yenze kangcono kunalokho obekucatshangwa ngaphambilini.

Isithunywa sohlanga olumnyama sase-Tshwane singenele izikhundla ezintathu sachithwa kuzo zontathu.

UDkt Mpho Phalatse obeyimeya yaseGoli owasungula ngempumelelo umfelandawonye namaqembu amancane kuleli dolobha ulahlwe i-DA.

Ezinye izithunywa ziputshuze izindaba zokuthi uthole u-12% wamavoti kuphela ngemuva kokufuna ukungenela isikhundla sikaJohn Steenhuisen sokuba umholi waleli qembu.

Leli iqembu elizibona liwina amavoti ngaphezu kuka-30% okuyisilinganiso esingaphezu kokuthola u-10% lisuka ku-20.7% okhethweni 

lukazwelonke olwedlule.

Ophinde waqokwa njengosihlalo we-DA Federal Council uHelen Zille ugcizelela ukuthi abavoti babeke phambili ukulethwa kwezidingo kubantu kunebala lesikhumba.

UZille akazange akhathazeke ngokushoda kwethemba okungaba khona kubavoti abamnyama ngemuva kokubona ukuphuma kwabaholi abamnyama – uHerman Mashaba, uMmusi Maimane, uPhumzile van Damme, uMbali Ntuli kanye noLindiwe Mazibuko – abashiye iqembu.

“Ngekota yokugcina yanyakenye kudaleke amathuba emisebenzi angu-169 000 kuleli, kanti angu-167 000 awo adaleke esifundazweni esisodwa okuyi-Western Cape. Angu-2 000 nje kuphela kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalombili ze-ANC.

“Lokho kufanele kutshele abantu abamnyama nabangasebenzi ukuthi iliphi iqembu eliletha uhulumeni ongcono,” esho ngemuva kwengqungquthela.

Kodwa mancane kakhulu amathuba okuthi izifiso ze-DA zingafezwa ngomkhankaso womphakathi oholwa ngabesilisa abamhlophe.

Njengoba abesifazane bemele u-51% wabantu ngokwe-Stats SA, akekho noyedwa wesifazane omnyama ebuholini obuphezulu be-DA. Abekho abangamakhaladi futhi abekho abesifazane abangamaNdiya.

Bangaphezu kuka-25 million abantu bakuleli abakhuluma isiZulu nesiXhosa okuyizilimi ubuholi be-DA okuzodingeka bazazi ukuze bazikhulume njengoba benza imikhankaso yendlu ngendlu emizini yabantu abamnyama.

Ngesikhathi leli qembu liphothula ingqungquthela yalo lithe likholelwa ekutheni lisanda kukhetha ongaba nguMengameli olandelayo wakuleli uma umfelandawonye wamaqembu aphikisayo ungaba namandla.

Owesilisa omhlophe ongenawo amava okuphatha ngisho umasipala wedolobha elincane futhi ongazi noma yiluphi ulimi lwase-Afrika? Ingabe lokhu akukhona ukukhohlisa?

Kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izono zeqembu lenkululeko elihlanganise iminyaka engu-110 lasungulwa lizoholwa uMengameli uCyril Ramaphosa owayegqamile kwezombusazwe kuleli kanye nezinkampani ezizimele.

URamaphosa nguyena owakhethwa nguNelson Mandela ukuthi abe uMengameli wakuleli wakusasa futhi wenze kahle kakhulu ukuhlenga izwe eqenjini elintshontshayo kanye nelasebenzisa budedengu imali yabakhokhi bentela engaphezu kuka-R1 trillion kule minyaka eyisishiyagalolunye eyamoshwa.

UZille uqinisile — akukho mayelana nebala lesikhumba. Kumayelana nokuthembana. Yilokho i-DA engakutholi.

Izihloko zakamuva