ICosatu neSACP abayifuni i-DA kuhulumeni wobumbano ne-ANC

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

I-SA Communist Party isinxuse i-ANC ukuthi ingafaki “amabutho e-DA” kanye “nombutho omelene noguquko” okuyiqembu le-MK.

USolly Mapaila onguNobhala-Jikelele weqembu uthe umhlangano we-SACP Polit Bureau uhlonze i-DA njengesitha esikhulu se-ANC futhi okungafane ifakwe kuHulumeni woBumbano kaZwelonke (GNU).

“Sisekela uhulumeni wedlanzana ngezinto ze-GNU ngaphandle kweqhaza nokubamba iqhaza kwamanutho aholwa i-DA. Ngakho sicacile ngomkhondo wethu wokulwa nonxiwankulu,” kusho uMapaila. 

“Izinkinga esibhekene nazo kuleli yingoba sike sazilandela eminyakeni edlule futhi sibhekwe ngabomvu osomabhizinisi abahlezi besabisa ngokuthi ngeke usimama umnotho wethu ekubeni empeleni bewubhidlizile umnotho wethu.” 

UMapaila uthe abavoti bayilahlile i-DA kanye ne-neoliberal forces okhethweni yingakho ithole u-22% wamavoti kuphela. 

I-SACP ithathwa njengohlaka lwe-Cosatu kanye ne-ANC futhi inomthelela omkhulu ku-Cosatu, esivele ikuchithile noma yikuphi ukubandakanyeka kwe-DA ku-GNU.

I-Cosatu ithe lolu hlelo ngeke luvune abasebenzi.

Umxhumanisi we-Cosatu ePhalamende uMatthew Parks uthe i-Cosatu ne-SACP bazokwethula izethulo zabo emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC ngoLwesine.

Uthe i-Cosatu ikhathazekile ngesikhundla seqembu le-MK elimelene noMthethosisekelo futhi ayiliboni njengozakwabo ofanele.

UNobhala Jikelele we-Cosatu, uMnuz Solly Phetoe uthe umfelandawonye wabasebenzi uzochitha noma yikuphi ukuzihlanganisa ne-DA.

“Leli ngelinye lamaqembu ezepolitiki aphumele obala ahlaba ikhwelo lokuthi kuqedwe iholo eliphansi futhi liphumele obala lahlasela uMshwalense wezeMpilo kaZwelonke.

“Sizokwenqaba esidlangalaleni futhi ngeke sikwazi ukubumbana ne-DA,” kusho uPhetoe etshela abezindaba ngoLwesithathu.

UPhetoe uthe i-DA ikholelwa ekutheni abasebenzi banamalungelo amaningi futhi isinxuse ukuba kuhlehliswe imithetho yezabasebenzi ukuze kube lula kubaqashi ukuxosha abasebenzi.???

Okhulumela i-ANC uMahlengi Bhengu-Motsiri uthe umhlangano wekomiti le-ANC kuzwelonke ngoLwesibili unqume ukuthi i-GNU ibe yisu elihle kakhulu lokusebenzisana.

Uthe iqembu libe nezingxoxo zokuqala ne-DA, i-IFP, i-PA kanye ne-EFF. Uthe imizamo ye-ANC yokuxoxisana neqembu likaMnuz Jacob Zuma i-MK ihlangabezane nonya.

Esithombeni esingenhla: Izikhulu ze-SACP zikhuluma esithangamini sabezindaba e-Cosatu House e-Braamfontein, eGoli.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva