ICongo izibophezele ekuqedeni indlala yezindebe ngeye-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

Selokhu yanqoba i-Afcon ngo-1974, i-DR Congo isikuthola kunzima ukunqoba lesi sicoco.

Kodwa umuzwa wokuzethemba uyisizile i-Leopards esiqhwakele esigabeni sika-16 ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ngemuva kokukhipha ompetha asebewine kayisikhombisa i-Egypt.

Manje bazobhekana ne-Guinea e-Stade Olympique Alassane Ouattara e-Ivory Coast ngoLwesihlanu.

Ukungenzi kahle emidlalweni edlule ye-Afcon kube nomthelela ongemuhle futhi akuchazeki ukuthi kungani i-DR Congo ibihluleka phambilini yize kunenqwaba yezihlabani ezidlala e-Europe.

Kodwa manje sebebuyile embangweni wesicoco futhi babukeka njengeqembu elisefomini eliholwa ngumqeqeshi wase-French uSebastien Desabre.

“Ngangihlale ngisho ukuthi – siyizimbangi kulo mqhudelwano,” kusho uDesabre kwabezindaba.

“Ngokwengqondo siyazethemba, sibumbene kakhulu futhi siyasebenzisana. Yilokhu engikukhumbula namuhla njengomqeqeshi – ukuzola okuphuma emdlalweni wethu. Siyawazi amandla ethu!”

Ngemuva kokuqeda isibili eqoqweni layo ngemuva kokungadlali kahle ne-Morocco, i-Zambia ne-Tanzania, i-Leopards ibukeke ilahlekile kulo mqhudelwano.

Kodwa bayazethemba ngokuphinde babuyise amandla abo e-Ivory Coast.

Ukukhipha kwabo i-Egypt okuyinto ebibalulekile kwenzeke sekukhahlelwa amaphenathi.

I-DR Congo izobhekana ne-Guinea edlale ngokukhulu ukuzimisela kuma-quarter-final nakuba ingathathwa njenge qembu elihamba phambili ezwenikazi.

I-Guinea ifinyelele ku-Last 16 ye-Afcon njengeqembu eliqede endaweni yesithathu ngemuva kokushaya i-Gambia ngo 1-0 nokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Cameroon, yaphinde yehlula ompetha abebevikela isicoco i-Senegal ngo 2-0.

Esithombeni esingenhla: I-DR Congo ibungaza ukunenebula i-Egypt. 

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva