Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Inqwaba yogesi basemgwaqeni abasanda kulungiswa bacekelwe phansi ezinsukwini ezimbalwa belungisiwe, kodwa akukho okuntshontshiwe.
ICity Power isola ukuthi abanye osonkontileka kungenzeka bayathinteka futhi isixwayise ngokuthi izobathathela izinyathelo zomthetho uma betholakala benecala.
I-City Power isigxeke itulo lokucekelwa phansi kogesi basemgwaqenj eGoli, yathi lokhu kuhlasela kuhloswe ukuphazamisa amalungiselelo eNgqungquthela ye-G20.
Ngokusho kokhulumela leli dolobha u-Isaac Mangena, ukucekelwa phansi kubukeka kuyisenzo samabomu sokwenza leli dolobha libukeke kabi. “Lokhu akukhona ukucekelwa phansi kwempahla okuvamile noma ukweba,” esho. “Azikho izingxenye ezebiwe. Kuyacaca ukuthi lokhu kuwukucekela phansi kwamabomu.”
Inkampani ephehla ugesi ithe amalambu asemgwaqeni u-M1 phakathi kwe-Southgate ne-Killarney abesebenza ngesikhathi ehlolwa ngoLwesithathu ebusuku ngomhlaka-30 kuMfumfu. Kodwa ngoLwesine ekuseni, izigxobo eziningi zase zigawuliwe zashiywa zilenga nezintambo zivele ngaphandle.
ICity Power ithi lokhu manje sekuwumkhuba okhulayo. UMangena uthe kwenzeke okufanayo nakweminye imigwaqo emikhulu okubalwa uM2, uJoe Slovo kanye neMalibongwe.
“Sichitha izigidi silungisa lezi zibani, kodwa kamuva zicekelwa phansi,” kusho uMangena. “Sikholelwa ukuthi kukhona ozama ukuhlehlisa inqubekelaphambili esesiyenzile, ikakhulukazi njengoba i-G20 isiseduze.”
ICity Power ixwayise ngokuthi osonkontileka ababanjwe bephazamisa ingqalasizinda bazobhekana namacala obugebengu. “Ngeke singabaze ukuthatha izinyathelo ezinqala,” kusho uMangena.
Imbangela nokuthi ubani ongenza lokhu akukacaci. Kodwa inkampani yamandla ikholelwa ukuthi abantu noma amaqembu azama ukuzuza ngesiphithiphithi noma enze idolobha libukeke libi ngaphambi komcimbi osezingeni eliphezulu.
UMangena usenxuse abomthetho okuhlanganisa noMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli kanye nophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuthi baqinise ukuqapha emigwaqeni emikhulu.
Uphinde wanxusa abashayeli ukuthi babike uma kukhona okusolisayo ku-011 490 7900.
“Kunzima kakhulu ukuqapha nokuvikela izibani ezingaphezu kuka-300,000 edolobheni lonke,” kusho uMangena. “Asikwazi ukwenza lokhu sodwa.”
Esithombeni esingenhla: Amalambu emigwaqeni emikhulu yaseGoli
Umthombo wesithombe: I-City Power
