ICity Power inqamule ugesi ezindlini ezingu-122 eGoli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

ICity Power inqamule ugesi ezindlini zomphakathi zaseGoli ezingaphezu kuka-120 ngemuva kokuthola amamitha abexhunywe ngokungemthetho.

ICity Power inqamule ugesi emafulethini angu-122 e-JOSHCO ngemuva kokuthola ukuthi izakhamizi zikokodele amamitha e-prepaid.

Izakhamizi zibhekene nenhlawulo efinyelela ku-R30 000 ngokukokodela amamitha kanti abanye abasebenzi kusolwa ukuthi basiza ekwenzeni lomkhonyovu.

Imindeni engaphezu kuka-120 isale ebumnyameni ngemuva kokuba iCity Power ikhiphe amamitha e-prepaid emafulethini ase-Johannesburg Social Housing Company (JOSHCO) e-City Deep, eGoli.

Ukunqanyulwa kukagesi kwenzeke ngoMsombuluko ngesikhathi abasebenzi bethola ukuthi izakhamizi zikokodele amamitha e-prepaid asanda kufakwa.

Okhulumela iCity Power u-Isaac Mangena uthe benze okufanayo ezinsukwini ezinhlanu ezedlule e-JOSHCO e-Kliptown Square, eSoweto lapho bephinde bathola khona amamitha angaphezu kuka-120 akokodeliwe.

Ngesikhathi kuqhubeka lokhu ngoMsombuluko, abasebenzi bakhiphe amamitha e-prepaid angu-122 kanye nama-circuit breaker angu-114 ukuze bavimbe abantu ekuxhumeni kabusha ugesi ngokungemthetho.

Izakhamizi ezikokodele amamitha manje sezibhekene nenhlawulo ka-R14,000 ngokuxhuma ngendlela ebizwa nge-single-phase. Labo abaxhume nge-three-phase bangahlawuliswa imali engaphezu kuka-R30 000 ukuze bakhokhele amamitha amasha.

“Sikhathazeke kakhulu ngokwanda kwesibalo sokukokodelwa kwamamitha ethu asanda kufakwa.

“Phezu kokuba abantu baxwayiswa ngemiphumela emibi yokukokodela amamitha ethu, abanye basaqhubeka nokugila lo mkhuba ongekho emthethweni, okuholela ekutheni siqinise ucwaningo lwama-meter audit sikhiphe amamitha akokodeliwe ukuze kuliwe nokwebiwa kukagesi,” kusho uMangena.

Uthe baphenya ngezinsolo zokuthi abanye osonkontileka nabasebenzi baseCity Power babiza imali ephakathi kuka-R2 000 no-R5 000 ukuze bakokodele amamitha.

Sixwayisa abantu ukuthi bayeke umkhuba wokukokodela amamitha ngoba bazobhekana nezijeziso ezinzima, kanti lokhu futhi kuyicala elibomvu,” usho kanje.

UMangena uthe ukukokodela amamitha kwenza kungabi nokuphepha futhi kudla idolobha imali ngoba abantu abawakhokheli ugesi abawusebenzisayo.

Unxuse amakhasimende ukuthi angakhokheli muntu ukuthi akokodele amamitha futhi babike ubugebengu bokufuna ukukhokhelwa imali noma ukuthenjiswa ukuxhunywa ngokungemthetho kwaCity Power Security Risk Management ku-011 490 7900/7911 noma kuWhatsApp 083 579 4497.

Esithombeni esingenhla: ICity Power inqamule ukuxhuma kukagesi okungekho emthethweni.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva