ICity Power icela usizo ekulweni nokuntshontshwa kwamakhebuli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

I-Johannesburg City Power ithi ukuhlaselwa kwabasebenzi bayo kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yayo kuyayivimba ekutheni ihlinzeke ngezidingo ezibalulekile.

Njengoba kunenqwaba yokuhlaselwa kosonkontileka bayo kanye namacala angapheli okuntshontshwa kwamakhebuli, akukho okungenziwa idolobha ngaphandle kokuthi linxuse izakhamizi ukuthi zibasize ekulweni nobugebengu.

I-City Power icele umphakathi wase-Alexandra kanye namabhizinisi aseduze ukuthi babambe iqhaza ohlelweni “lokwamukela nokuvikela” ingqalasizinda yenethiwekhi kagesi ukuze kuncishiswe ukunqamuka kukagesi.

“Lesi sicelo akusona esesifunda kuphela kodwa kucelwa nezinye izingxenye zedolobha lapho ingqalasizinda yethu ecekelwa phansi khona,” kusho okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena.

“Kubalulekile ukuthi izakhamizi zizibambele mathupha futhi zivikele idolobha nengqalasizinda yazo.”

UMangena uthe selokhu kuqale unyaka wezimali le nkampani isiqophe izigameko ezingaphezu kuka-1 300 zokwebiwa kwamakhebuli nokucekelwa phansi kwempahla njengoba sekuboshwe abantu abacishe babe ngu-200.

Uthe i-City Power iphinde yaqopha izigameko ezingu-2,175 zokwebiwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla ngonyaka wezimali ka-2021/2022. Lokhu ukubize ngesibalo esishaqisayo esingagwemeka uma amalungu omphakathi ebambe iqhaza ekuvikeleni lezi zikhungo.

“Ubugebengu bengqalasizinda njengokwebiwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla, ukuphazanyiswa kwamamitha kanye nokuxhuma ugesi ngokungemthetho kunomthelela oqhubekayo ekusebenzeni kwebhizinisi le-City Power,” esho. Lokhu kubangela ukulahlekelwa okukhulu kwemali engenayo kanye nomthelela omubi ekulethweni kwezinsiza.

UMangena uthe ngokuzibandakanya komphakathi idolobha lizosungula ubudlelwano obuqhubekayo nezinhlaka zomphakathi ukuze kuvikelwe ingqalasizinda kagesi kamasipala ebugebengwini obufana nokweba, ukucekela phansi kanye nokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

Uhlelo lenzelwe ukugcina ukuxhumana okuzinzile nokuvulelekile mayelana nezinto eziyingozi nobuthakathaka obuthinta ingqalasizinda kagesi ye-City Power kanye nokujulisa ubudlelwano bomphakathi ekulweni nobugebengu bengqalasizinda.

Esithombeni esingenhla: I-Pylon eGoli

Umthombo wesithombe: @CityPower / Isaac Mangena

Izihloko zakamuva