ICity ivala igebe ngaphambi kweLondon Derby ngeSonto

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Njengoba i-Arsenal ibhekene nohambo olufushane oluya e-West Ham ngeSonto i-Manchester City ibilokhu ifaka ingcindezi emjahweni wesicoco ngokuwina ngo 3-1 ngamagoli ka-Erling Haaland bebhekene ne-Leicester City.

lntambama iqale ngegoli elihle lika-Unai Emery elenze i-Aston Villa yaqhwakela phezulu ngokubhaxabula i-Newcastle United ngo 3-0 enkundleni yezemidlalo i-Villa Park.

Igoli lika-Ollie Watkins lilandele igoli likaJacob Ramsey ukuze i-Aston iqophe irekhodi lokuwina imidlalo emihlanu kulandelana kwiligi.

Ngokujaha amagoli, i-Chelsea ne-Tottenham Hotspur baqhubekile nefomu yabo embi ekuzingeleni ukudlala emqhudelwaneni wase-Europe ngesizini ezayo.

I-Birmingham ihlulwe i-Brighton ngo 2-1 enkundleni yezemidlalo i-Stamford Bridge kanti i-Spurs ibingasohlangothini olungalungile lweqembu le-Bournemouth elilangazelela ukujabulisa izihlwele e-North London.

I-Cherries ibuye ngamandla yawina ngo 3-2 enkundleni yezemidlalo i-Tottenham Hotspur kanti lokhu kushiye osokhaya benamaphuzu amathathu ngemuva kwe-Manchester United esendaweni yesihlanu njengoba i-Manchester isalelwe imidlalo emibili.

I-Everton ihlulwe ngo 3-1 ekhaya ibhekene ne-Fulham kanti i-Crystal Palace ishaye i-Southampton ngo 2-0 ngesikhathi i-Wolves iwine ngokungalindelekile ngo 2-0 ibhekene ne-Brentford.

Wonke amehlo ebebheke umdlalo wakamuva njengoba u-Erling Haaland eshaye amagoli amabili esiwombeni sokuqala ngemuva kokuthi uJohn Stones evule inkundla ngegoli e-Etihad.

UKelechi Iheanacho utholele i-Leicester  induduzo sekwephuzile, kodwa babe ngompetha abenze kahle bavala igebe ngamaphuzu amathathu phezulu etafuleni le-Premier League.

Esithombeni esingenhla: U-Erling Haaland

Umthombo wesithombe: @ManCity

Izihloko zakamuva