Timmy T Maranda
Noma ngabe iManchester City yahlulwa ngamagoli amabili eqandeni ngesikhathi ibhekene neManchester United ngeSonto, ikwazile ukubuyisa isithunzi sayo sokuba ngompetha, ngesikhathi ishaya i-Southampton ngamahlanu kwamabili ngoLwesine.
Amagoli amabili ashaywe nguKevin De Bruyne kwathi amanye amagoli amabili wona ashaywa nguRiyad Mahrez, kanye negoli elishaywe ngu-Ilkay Guendogan, e-Etihad Stadium e-Manchester asize iCity ukuthi izihlenge ngemuva kokuba i-United iqede irekhodi lemidlalo yalo ongama-28 wokungahlulwa.
Ukunqoba kweCitizens kuqinise indawo yabo phezu kwetafula le-log futhi kwandise igebe laba ngamaphuzu ayi-14 ngaphambi kweManchester United esendaweni yesibili.
UPhil Foden uthe ukulahlekelwa yi-Manchester derby kube nzima ukwamukela futhi uthi kubalulekile ukuthi babuyele ezindleleni zabo zakudala zokuba ngompetha abawina njalo.
“Bekungekuhle ukulahlekelwa yi-derby. Kodwa sigoqe imikhono sabuyela ezindleleni zethu zokuwina,” kusho uFoden ekhasini le-Twitter le-Manchester City.
“Bekubaluleke kakhulu ukuthi sibuyele emgqeni namuhlanje.”
Umthombo wesithombe: @SouthhamptonFc