Iciko uRasta nombukiso womsebenzi wakhe

Joseph Chirume

Abantu abaningi bangaxolelwa ngokucabanga ukuthi umdwebi uLebani Sirenje owaziwa ngelikaRasta ujwayele ukunikela ngobuciko bakhe mahhala kubantu abapendayo.

Kodwa-ke lo mdwebi uzokwenza usuku lapho ezobe ekhombisa ngemidwebo yakhe yobuciko. 

Uzobe ebambe umbukiso omkhulu eyedwa e-Museum Africa izinyanga eziyisithupha kanti  lo mcimbi uzoqala ngoLwesihlanu ngomhlaka-27 kuNhlaba.

URasta owaziwa ngokudweba izithombe zabantu abaqavile emingcwabeni yabo wenze izithombe ezingaphezu kuka-300 zosaziwayo, amakhosi, abaculi nosopolitiki. Ucela imindeni yalaba abadwebile ukuthi imboleke izithombe ukuze aziveze embukisweni wakhe.

Ufake isicelo wathi “kubo bonke osaziwayo, abantu abavelele emphakathini, osopolitiki, abaholi bamabhizinisi uRasta umdwebi enze izithombe zabo,” ephawula ngokuthi eminye yemidwebo yanikelwa kanti eminye yakhokhelwa.

Umdwebi ongowokuzalwa e-Zimbabwe unezithombe zabantu abafana no-Archbishop Emeritus Desmond Tutu ongasekho, iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu esesakhothama kanye nosaziwayo ongasekho uShona Ferguson.

Uphinde wapenda nosopolitiki okubalwa umholi we-EFF uJulius Malema, uMengameli uCyril Ramaphosa nokaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi nabanye.

URasta uthe lo mbukiso uzokhombisa ukubaluleka kwezithombe nobuciko, wenze udumo uphinde ukhulise negama lakhe.

Izihloko zakamuva