Lubhalwe nguLinda Ximba
Udaba lwe-password yesihlabani saseThekwini somculo we-kwaito uMampintsha selugqugquzele umculi kamaskandi uSibekezelo “Stability” Mvubu ukuthi aqambe ingoma.
Umama wengane kaMampintsha, uBabes Wodumo ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi esemngcwabeni womyeni wakhe ongasekho ethi ubengayazi i-password yocingo lwakhe.
Kodwa ezinsukwini ezimbalwa kamuva uye wamemezela ukuthi ukwazile ukuthola i-password yocingo lomyeni wakhe.
UMampintsha ogama lakhe langempela uMandla Maphumulouudlule emhlabeni ngoZibandlela ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi.
UStability uthe le ngoma iye yamfikela ngesikhathi ematasa esitudiyo.
“I-password yocingo lwakhe isuse umsindo futhi abantu bebefuna ukwazi ukuthi uBabes Wodumo uyithole kanjani.
“Emagameni asengomeni yami ethi ‘i-Pin kaMampintsha’ ngibhale lo mugqa othi ‘ngubani onikeze uBabes i-password kaMampintsha?’ Ngale ngoma ngiqala inkulumo-mpikiswano,” kusho uStability.
Uthe akakamthinti uBabes Wodumo ngale ngoma. Udadewabo wesihlabani se-Gqom ophinde abe umphathi kwezamabhizinisi uNondumiso Simelane uthe abanayo inkinga yokuthi uStability aqambe ingoma inqobo nje uma ingenayo imiyalezo engemihle.
Le ngoma isisabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Esithombeni esingenhla: Umculi kaMaskandi uStability
Umthombo wesithombe: Daily Sun