Iciko liphumela obala ngezidakamizwa

Sizwe Sibiya

U-Innocent Masuku, obedlala indawo kaBobo emdlalweni odumile wakwa-SABC i-Yizo Yizo, usephumele obala ngomkhuba omubi wokusebenzisa izidakamizwa ocekele phansi umsebenzi wakhe wokulingisa.

Cishe wonke umuntu owayekhona kuleli ngesikhathi i-Yizo Yizo isadlala phakathi kuka-1999 no-2004 uzokhumbula uBobo, wayengumlutha oyihlubuka kodwa owayethandeka.

Kusukela ngo-2006 kuya ku-2012, ngesikhathi i-Yizo Yizo ingasadlali, abantu bakuleli bazokhumbula olunye uhlelo lwakumabonakude olubizwa ngokuthi i-Tshisa olunabalingisi abadume kakhulu  okubalwa kubo uBaksteen noBongani.

Kodwa ngeviki eledlule uMasuku ukhulume ngokusebenzisa kwakhe izidakamizwa.

Egqoke isikibha se-EFF, uMasuku ukhulume nabalandeli bakhe, ebatshela ukuthi izinkinga zakhe ziqale ngesikhathi esezingeni eliphezulu kanti zamholela emgodini omnyama kakhulu. Uvele kwividiyo eyabiwe i-EFF ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kunomgubho wesikhumbuzo sangomhlaka-16 kuNhlangulana.

“Ngesikhathi ngifika embonini yokulingisa ngaba ngomunye wabangena ezidakamizweni. Ngiyazisola, ngalahlekelwa abangani abaningi abalungile. Ngilahlekelwe yizinto eziningi ezinhle.

“Ngeke ngisakwazi ukubuyisa leso sikhathi,” kusho uMasuku kule vidiyo, engeza ngokuthi sekuphele iminyaka emihlanu eyeke ukusebenzisa ezidakamizweni.

Uphinde waveza ukuthi manje usebuyele emndenini wakhe lapho azalelwa khona e-Zone 3, e-Soweto eGoli.

UMasuku, owayedlala indawo yomlingisi oqavile emdlalweni owuchungechunge webhola likanobhutshuzwayo wakwa-SABC, weluleke intsha yaseMzansi ukuthi ingafani naye, kodwa ilandele amaphupho ayo futhi izishaye indiva “izinyathelo” zakhe.

“Omama bayakhala lapha ngaphandle. Obaba nabo bayakhala. Bahlulwe izingane zabo, ngenxa yezidakamizwa.”

Izihloko zakamuva