Iciko likhala ngokunyundelwa emva kokuzihlanganisa nelombusazwe

Celani Sikhakhane

Umculi kaMaskandi uBuselaphi Gxowa ubejwayele ukumenywa ukuthi azonandisa komasipala baKwaZulu-Natali, kodwa selokhu aphumela obala wazihlanganisa ne-National Freedom Party (NFP), uthi sekukhona ukumnyundela.

UBuselaphi owaduma njengomculi ohamba phambili eqenjini leMithente, utshele inqwaba  yabalandeli be-NFP embuthanweni kaSiyabonga ukuthi ukuzihlanganisa kwakhe neqembu kumlahlekisele kakhulu endimeni yomculo.

Lo mbuthano obuseManzamakhulu KwaNongoma ngeSonto ubuhlelwe ukubungaza ukuwina kwaleli qembu kwisigceme sesi-20.

“Omasipala abaningi sebenqume ukungivalela iminyango, futhi angisawutholi umsebenzi wokunandisa,” kusho uBuselaphi.

“Manje ngithembele ekudayiseni ama-CD ami namanye amabhizinisi ami”.

Uthe akekho ofuna ukumqasha kodwa wabuye wengeza ngokuthi akusho lutho lokho.

“Kuhle ukuhluphekela into okholelwa kuyona. Ngijoyine leli qembu ngenhloso. Lasungulwa ngowesifazane onamandla obesebenzela abantu abanhlwempu,” esho.

Isinqumo sakhe simphoqe nokuthi ashiye iqembu leMithente ngemuva kokuthi ozakwabo bemtshele ukuthi isimo sakhe sezepolitiki siyabalimaza.

Leli qembu belijwayele ukumenywa emicimbini eminingi ebihlelwa yinkosikazi yowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, uMaNgema. Bebethola umsebenzi omuningi wokunandisa kwi-IFP kodwa uBuselaphi ubengasazimisele ukuhambela le micimbi ngenxa yesimo sakhe sezepolitiki.

Ngo-2011 uBuselaphi wanyakazisa abaningi ngesikhathi ephumela obala ezibophezela ukuthi uzokweseka i-NFP ngemuva kokuthi isungulwe nguZanele kaMagwaza Msibi ongasekho.

Ujoyine leli qembu kanye noDJ Zimiphi Zimdollar Biyela woKhozi Fm.

UBuselaphi wabe eseqokwa njengekhansela kuMasipala wase-Ekurhuleni, kodwa kungakapheli nezinyanga ezinhlanu wakhala ngokuthi umsebenzi kamasipala udla isikhathi sakhe futhi akakwazi ukugxila emculweni.

Ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule, uBuselaphi ubengabonakali kunoma yimiphi imikhankaso yokhetho yeqembu.

Izihloko zakamuva