Iciko likaMaskandi lixoxa ngoSuku lweNkululeko

Celani Sikhakhane

Umakadebona kaMaskandi uPhuzekhemisi Mnyandu ukholelwa ukuthi ngomhlaka-27 kuMbasa ngo-1994 kwaba nesithunzi embonini yomculo ngemuva kwempatho embi ngaphansi kukahulumeni wamadlagusha.

UMnyandu, oseneminyaka engaphezu kwamashumi amathathu esendimeni yomculo, ngoLwesibili utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngaphambi kuka-1994 babengavunyelwe ukuthi balale egumbini lasehhotela uma izinkampani zibabhukhela indawo yokuhlala.

Kunalokho babetshelwa ukuthi njengoba bengebona abelungu bazolala nabasebenzi basehhotela emagumbini abo.

“Ngikhumbula ngeminyaka yango-1980 kwakumele ngilale ehhotela nozakwethu omhlophe uPeter Henning. Abaphathi behhotela bangitshela ukuthi angivumelekile ukulala ehhotela kodwa uHenning kuphela ovumelekile” kusho uMnyandu etshela i-Scrolla.Africa. 

“Uma siqala ukubuza bathi kumele okungenani ngithole indawo yokuhlala emagumbini abasebenzi basehhotela kodwa babengasibuyiseli imali yethu.”

UMnyandu uthe usalukhumbula usuku avota ngalo okokuqala esigodini sangakubo eMzinto.

Uthe wathatha uhambo olukhethekile eya KwaZulu-Natal esuka eGoli eyovota njengoba ayesiza ngokuzalwa kwenkathi entsha ngemuva kwesikhathi eside kubusa ubandlululo.

“Uyazi ukuthi njengabaculi abamnyama sasingavunyelwa ukucula ezindaweni ezifana ne-PlayHouse nakwezinye izindawo zokuzijabulisa?”

UMnyandu uthe osekuyingozi kakhulu kuMaskandi manje ukuqolwa komculo okwenza abaculi bangakwazi ukuziphilisa.

“Umhlaka-27 kuMbasa wasisiza kakhulu futhi siyabonga, kodwa ubugebengu bubulala umsebenzi wethu,” esho.

“Izinkampani ebezisabalalisa umsebenzi wethu azisekho. Iphi i-Music Reliable house? Uphi u-Musica namuhla? Zonke lezi zinkampani ziwile futhi siyahlupheka.”

Uphinde wakhuluma ngokungathuthuki kwezindawo zomphakathi zabantu abamnyama.

Uthe lezo zindawo azikakathuthuki kanti nezindawo ezazinenhlanhla ngesikhathi sobandlululo zisathola izidingongqangi zikahulumeni.

Scrolla World Cup Quiz