Lubhalwe nguLungani Zungu
UMbongeni Ngema oyisihlabani somhlaba osewole izindondo eziningi ushiye izihlwele zilangazelela impinda ngemuva kokuzijabulisa ngezingoma zakhe zamzukwane.
UNgema odume ngesithakazelo sakhe uMadlokovu, ngoMgqibelo ugcwalise abantu e-Playhouse eThekwini edansa futhi ecula izingoma zakhe aduma ngazo azikhipha ngo-1997 okubalwa kuzo ethi “Woza Mayifhloza” nethi “Stimela Sami SaseZola” ka-1997.
Ekuqaleni wayengumqambi nombhali wemidlalo yeshashalazi, kanti eminye imisebenzi emihle kaNgema kubalwa kuyo iWoza Albert, i-Asinamali kanye nefilimu eyaduma kumabonakude iSarafina! Ubhale umdlalo weshashalazi ngo-1992 okungumsebenzi wakhe owagqamisa osaziwayo abafana noSomizi Mhlongo kanye nomlingisikazi uSindi Dlathu owaduma ngelikaThandaza Mokoena ku-Muvhango – manje osenguLindiwe Dlamini-Dikana emdlalweni wakumabonakude ku-Mzansi Magic i-The River.
Ngesikhathi uNgema eqeda ukunandisa ngendlela emangalisayo, abantu bamemeze kwaduma indlu yonke bathi “Sifuna Impinda!.”
Ejulukile futhi ehefuzela, lo mculi (67) neqembu lakhe baye baphoqeleka ukuthi baqhubeke nokucula.
Ligculisekile iningi labantu liye lasukuma lashaya ihlombe ngesikhathi uMbongeni neqembu lakhe becula ingoma ethi-“The Lord’s Prayer.”
Abantu bebesuka kude njengoba abanye bebesuka eGoli okuyibanga elingamakhilomitha angu-580 beyobona uNgema.
UKarabo Dlamini wase-Protea Glen, e-Soweto utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “Yilokhu ebengikudinga ukuze ngiqale isizini yami yamaholide. Ngiye ngajabula kakhulu ngesikhathi uMbongeni Ngema ecula ingoma yakhe ethi “Stimela Sami SaseZola,” ngiyithanda kakhulu leyo Ngoma.”
Abanye baye baphatheka kabi ngesikhathi uNgema ekhuluma ngosizi lwabantu bakuleli.
“Ngicishe ngakhala ngesikhathi ebuza ukuthi uhulumeni wenzani ngokuntuleka kwemisebenzi nobubha obubhekene nabantu abaningi kuleli,” kusho omunye umthandi womculo.
Esithombeni esingenhla: UMbongeni Ngema esiteji
Umthombo wesithombe: Durban Playhouse