Iciko lesifazane liphakamisa imbokodo kwi-hip hop 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Umculo we-hip hop ugcwele abantu besilisa futhi bambalwa abaculi be-rap besifazane abadumile kanti uBizzcuit ungomunye wabo.

UBizzcuit ogama lakhe langempela uTholakela Mkwanazi, akadumile kuphela ngeso lakhe elibanzi kwezemfashini kodwa udume nangekhono lakhe lo mculo.

Wenze izingoma ezidumile ezifana nethi “‘4By4” afake kuyo uGigi Lamayne, nethi “Ziyaduma” afake kuyo uTouchline noSupreme Phoenix nezinye eziningi.

Uzalelwe e-Soweto wakhulela e-Tsakane, e-Brakpan  kanti uthando lwakhe lomculo lwaqala ngokubhala izinkondlo.

“Ngisemncane kakhulu nganginale ndlela yokukhuluma okwakudingeka ngiyihlanganyele nabantu. Ngicabanga ukuthi yilapho engaqala khona ukwazisa abantu ngekhono lami,” kusho owesifazane oneminyaka engu-29 ubudala.

“Ngicabanga ukuthi iyona nto enkulu engenza ngibe uBizzcuit. Ngingasuka kwi-rap ngiye kwi-Kwaito ngiye ku-soul kodwa ngisaqhubeka nokugxila engxenyeni ye-hip hop yokwenza lo mculo.”

Ohambweni lwakhe lomculo usebenze kumaphrojekthi amaningi kanye nompetha kulomkhakha we-hip pop. Uqokwe kabili kuma-South African Hip Hop Awards.

“Ngibe nohambo oluhle ngomculo wami. Ukuqoshwa kwe-EP yokuqala neyesibili emsebenzini wami kuholele ekutheni ngiqokwe emiklomelweni ye-hip hop yakuleli.

“Okunye okugqamile ukuhlangana nomrepha uHHP ongasekho, wenza naye umculo esitudiyo sakhe. Kwangijabulisa kakhulu lokhu ngoba bengibukela kuye kakhulu futhi ukwenza naye umculo bekungenye yezinto engangizifisa.”

Ngaphandle kwemidlalo yakhe ubephinde abe sengomeni yefilimu ye-Netflix ethi Happiness Ever After noKhanyi Mbau, uRenate Stuurman noNambitha Benmazwi.

Kulo nyaka uzobe ecula engomeni yefilimu ethi The Honeymoon, okulingisa kuyo uTumi Morake, uMinnie Dlamini noKajal Bagwandeen kanti kulindeleke ukuthi ibe semabhayisikobho kusukela ngomhlaka-31 kuNdasa.

Isithombe esingenhla: UBizzcuit

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva