Iciko lase-Ukraine lijoyine impi

Sizwe Sibiya

Umdansi we-ballet wase-Ukraine u-Oleksiy Potyomkin ubeke eceleni umsebenzi wakhe wokudansa wafaka umfaniswano wamasosha waphatha nesibhamu ukuze alwe namasosha kaMengameli wase-Russia uVladimir Putin.

UPotyomkin ungomunye wabantu base-Ukraine abaningi abashiye imindeni yabo, izinto abazithandayo kanye nemisebenzi yabo ukuze bavikele izwe labo ekuhlaselweni okuthathe isikhathi esingaphezu kwesonto.

Isibindi sika-Oleksiy sishayelwe ihlombe ngabantu abaningi emhlabeni wonke ezinkundleni zokuxhumana, njengoba kusabalele izithombe zakhe edansa egqoke nomfaniswano wakhe wamasosha ephethe nesibhamu.

U-Oleksiy obonakala enza i-“Dance in the Ocean” ngaphansi kwe-National Opera yase-Ukraine kwividiyo engenhla, ubekwe endaweni ebandayo yase-Kyiv, inhlokodolobha yezwe.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Umthombo wezithombe: Twitter

Izihloko zakamuva