I-Miss Universe Organisation iphethwe ngowesifazane okokuqala ngqa selokhu yasungulwa eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule.
Le nhlangano ithengwe usaziwayo wezindaba wesifazane wase-Thailand uJakapong Anne Jakrajutatip ngo-$20 million (u-R358 million).
Usozigidigidi ophinde abe isikhulu esiphezulu se-JKN Global Group, ungusaziwayo wombukiso wangempela e-Thailand, lapho edlala khona ezinhlelweni ezingokoqobo zesi-Thai i-Project Runway kanye ne-Shark Tank.
Lona wesifazane osize ngokwethulwa kwenhlangano engenzi nzuzo elwela amalungelo e-trans rights, esitatimendeni uthe i-Miss Universe Organisation “iyisengezo esinamandla, esinamasu” kumgodlagodla wenkampani yakhe.
“Asifuni nje kuphela ukuqhubeka nefa lale nhlangano lokuhlinzeka inkundla kubantu abathanda izizinda kanye namasiko ahlukene, kodwa sifuna nokuguqulela lokhu esizukulwaneni esilandelayo,” esho.
I-JKN ithe ihlela ukusebenzisa iMiss Universe ukudala amathuba amasha okuthola amalayisense nawokuthengisa, futhi ihlela ukwanda e-Asia.
“Sisungule inkampani engaphansi kweMelika i-JKN Metaverse ezophatha iMiss Universe Organisation,” kusho isitatimende se-Group.
Le nkampani ikhiqiza eyayo imibukiso futhi isabalalise okuqukethwe e-Thailand okuvela phesheya okuhlanganisa amadokhumenti nemidlalo yakumabonakude ye-Bollywood.
Umncintiswano kaMiss Universe waqala ngo-1952 futhi usakazwa emazweni angu-165. Wawuphethwe ngowake waba uMengameli waseMelika uDonald Trump phakathi kuka-1997 no-2015.
Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan
Esithombeni esingenhla: NguJakapong Anne Jakrajutatip
Umthombo wesithombe: @AshowBizness