Iciko lase-Limpopo lihola abaqokwe kowe-MVCA

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokumiswa iminyaka emibili ngenxa yobhubhane, i-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards (i-MVCA) ibuye ngenkulu inhlokomo.

UMakhadzi odabuka e-Limpopo wenze ezibukwayo ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo kwenziwa nesimemezelo sabaqokiwe eGoli ngoLwesithathu, ngesikhathi eqokwa kathathu.

UMakhadzi, ozobe ehlanganisa iminyaka engu-26 kulo nyaka, uqokwe kwindondo ye-Favourite Song ngengoma yakhe ethi “Ghanama” ayicula noPrince Benza kanye nendondo ye-Favourite Artist/Group. Kodwa indondo enkulu kunazo zonke aqokwe kuyo ngeye-Favourite Personality – nayo ebangwa amaciko afana noCornie Ferguson kanye noShauwn Mkhize.

Phakathi kwamanye amaciko aqokwe kwindondo engaphezu kweyodwa kulo mcimbi wobukhazikhazi kubalwa usomahlaya ophinde abe ngumsakazi uSkhumba Hlophe, oqokwe kwindondo ye-Favourite Radio Presenter neye-Favourite Comedian.

Khonamanjalo, iziteshi zokuvota zivuliwe ngohlelo lwesine lwe-DStv MVCA oluzoba ngoNhlangulana ngo-2022. Ukuvota kuzovalwa ngoMgqibelo ngomhlaka-11 kuNhlangulana ngo-10 ebusuku kanti umcimbi wokuklomelisa ozosakazwa bukhoma ku-Mzansi Magic uzobe use-Sun Arena ePitoli. .

Umthombo wesithombe: @Mzansi Magic.

Izihloko zakamuva